Skip to Content

"nanko"

10 occurrences in ZUL

Waphupha, bheka, nanko umkhwelo umiswe emhlabathini , isihloko sawo sifinyelela ezulwini; nezingelosi zikaNkulunkulu zenyuka, zehla kuwo.

Wabheka, nanko umthombo endle , nemihlambi emithathu yezimvu ilele ngakuwo, ngokuba kulowo mthombo babephuzisa imihlambi ; itshe elalisemlonyeni womthombo lalilikhulu kakhulu.

Waphuma nangosuku olulandelayo ; bheka, nanko amadoda amabili amaHeberu exabene; wathi kowonileyo: Umshayelani owakini na?

Kepha lapho sekuqale ukuthunqa insika yomusi emzini , abakwaBenjamini babheka emuva, nanko umuzi wonke uthunqela ngasezulwini.

Ngabuye ngaphakamisa amehlo a mi, ngabona; bheka, nanko umqulu wencwadi ondizayo.

Wathi kimi : Ndodana yomuntu , gebhula ogangeni . Nanxa sengigebhulile ogangeni, bheka, nanko umnyango.

Ngabona, bheka, nanko amasondo amane eceleni kwamakherubi , elinye isondo eceleni kwelinye ikherubi nelinye isondo eceleni kwelinye ikherubi ; ukubonakala kwamasondo kwakunjengetshe lekrisolithe.

Yayinje imibono yekhanda lami ngisembhedeni wami : ngabona, bheka, nanko umuthi phakathi nomhlaba, nokuphakama kwawo kwakukukhulu.

Bheka-ke, nanko amadoda ethwele ohlakeni umuntu ofe uhlangothi , efuna ukumngenisa nokumbeka phambi kwakhe.

Kwathi besasambathekile yilokho , bheka, nanko amadoda amabili emi ngakubo, enezingubo ezicwebezelayo.