Skip to Content

"naphambi"

36 occurrences in ZUL

OMose no-Aroni bangena kuFaro, benza njengalokho uJehova ebayalile; u- Aroni waphonsa phansi induku yakhe phambi kukaFaro naphambi kwezinceku zakhe, yaphenduka inyoka.

Uyakubeka amaLevi phambi kuka -Aroni naphambi kwamadodana akhe, unikele ngawo abe ngumnikelo wokuzuliswa kuJehova.

Emva kwalokho amaLevi angena ukwenza umsebenzi wawo etendeni lokuhlangana phambi kuka -Aroni naphambi kwamadodana akhe ; njengalokho uJehova emyalile uMose ngamaLevi, benze njalo-ke kuwo.

Kwakukhona amadoda athile ayengcolisiwe yisidumbu somuntu , engenakulenza iphasika ngalolo suku; eza phambi kukaMose naphambi kuka- Aroni ngalowo muhla.

Ema phambi kuk aMose naphambi kuka -Eleyazare umpristi , naphambi kwezikhulu, naphambi kwayo yonke inhlangano ngasemnyango wetende lokuhlangana, athi:

ummise ngaphambi kuka -Eleyazare umpristi naphambi kwayo yonke inhlangano, umnike isikhundla emehlweni abo.

UMose wenza -ke njengalokho uJehova emyali le; wamthatha uJoshuwa , wambeka phambi kuka-Eleyazare umpristi naphambi kwenhlangano yonke,

Izinhloko zezindlu zawoyise bomndeni wabantwana bakwaGileyadi kaMakiri kaManase , abemindeni yamadodana kaJosefa , zasondela, zakhuluma phambi kukaMose naphambi kwezikhulu, izinhloko zezindlu zawoyise babantwana bakwa-Israyeli,

Asondela phambi kuka -Eleyazare umpristi , naphambi kukaJoshuwa indodana kaNuni , naphambi kwezikhulu , athi: UJehova wamyala uMose ukuba asinike ifa phakathi kwabafowethu. Wayesewanika ifa phakathi kwabafowabo bakayise njengesiyalezo sikaJehova.

bengithi ngiyakukwambulela kuwe , ngithi: Lithenge phambi kwabahleziyo lapha naphambi kwamalunga abantu bakithi ; uma ulithenga, lihlenge; kepha uma ungalithengi , ngitshele ukuba ngazi , ngokuba akakho ongalihlenga ngaphandle kwakho, mina ngisemva kwakho. Wayesethi: Ngiyakulihlenga.

Bhekani, ngilapha: fakazani ngami phambi kukaJehova naphambi kogcotshiweyo wakhe ukuthi ngithathe inkabi kabani , ngithathe imbongolo kabani, ngikhohlisile ubani, ngicindezele ubani, ngamukele umvuzo esandleni sikabani ukuba ngifihle amehlo ami ngawo na? Ngiyakukubuyisela kini.

Wayesethi: Ngonile, kepha ake ungituse manje phambi kwamalunga abantu bami naphambi kuka-Israyeli, ubuye nami ukuba ngikhuleke kuJehova uNkulunkulu wakho.

wasiletha phambi kukaSawule naphambi kwezinceku zakhe , badla. Base besuka bahamba ngalobo busuku.

Ngokuba wena wakwenza ngasese , kepha mina ngiyakukwenza lokhu phambi kuka-Israyeli wonke naphambi kwelanga.

Wenza indlu yezinsika ; ubude bayo babuyizingalo ezingamashumi ayisihlanu; nobubanzi bayo babuyizingalo ezingamash umi amathathu , inompheme nezinsika phambi kwayo, naphambi kwazo yisikhwelo.

UJehova uNkulunkulu wenu akanani na ? Akaniphanga ukuphumula nxazonke na ? Ngokuba unikele esandleni sami aba khileyo ezweni ; izwe linyatheliwe phambi kukaJehova naphambi kwabantu bakhe.

UJehova wawashaya amaKushe phambi kuka -Asa naphambi kukaJuda ; amaKushe abaleka.

U-Asa na bantu ababe naye bawaxosha kwaze kwaba seGerari, kwawa amaKushe kwaze kwangasala muntu ophilayo , ngokuba achithwa phambi kukaJehova naphambi kwempi yakhe, bamuka nempango enkulu kakhulu.

Uma sehlelwa ngokubi, inkemba, nokwahlulelwa, nesifo, nendlala, siyakuma phambi kwale ndlu naphambi kwakho, ngokuba igama lakho likule ndlu, sikhale kuwe ekuhluphekeni kwethu, uyakuzwa, usisindise.

wehlisela phezu kwami umusa phambi kwenkosi , nabeluleki bayo , naphambi kwezikhulu zonke zenkosi ezingamaqhawe . Mina ngaqiniswa ngokwesandla seNkosi uNkulunkulu wami esasiphezu kwami, ngabutha ku- Israyeli abayizinhloko ukuba bakhuphuke nami.

waya naphambi kwesango lenkosi , ngokuba kwakungekho ongangena esangweni lenkosi embethe indwangu yamasaka.

Ngabuka; bheka, izwe elivundileyo laliyihlane , nemizi yalo yonke yayidiliziwe ebusweni bukaJehova naphambi kolaka lwakhe oluvuthayo.

nganikela incwadi yokuthenga kuBaruki indodana kaNeriya kaMahaseya ngaphambi kukaHanameli indodana kababekazi naphambi kofakazi ababelobe incwadi yokuthenga naphambi kwabo bonke abaJuda ababehlala egcekeni letilongo.

Abazithobanga kuze kube namuhla, abesabanga, abahambanga ngomthetho wami nangezimiso zami engikubeke phambi kwenu naphambi kwawoyihlo.

Ngiyakwenza ukuba i -Elamu liphele amandl a ngaphambi kwezitha zal o naphambi kwabafuna ukuphila kwabo , ngibehlisele okubi , ukufutheka kwentukuthelo yami, usho uJehova, ngithume inkemba emva kwabo , ngize ngibaqede.

Lapho ugange lwegceke lwaludumbile khona ngasempumalanga , ngaphambi kwendawo eyahlukanisiweyo naphambi kwesakhiwo , kwakukhona amakamelo nalapho.

Okungokwesikhulu kuyakuba ngalapha nangalapha komnikelo wokungcwele nefa lomuzi, phambi komnikelo wokungcwele naphambi kwefa lomuzi, ngasohlangothini lwasentshon alanga kubheke entshonalanga , nangasohlangothini lwasempumalanga kubheke empumalanga , ngobude kulingane nesinye sezabelo zezizwe , kusukela emkhawulweni wasentshonalanga kuze kube semkhawulweni wasempumalanga.

UNkulunkulu uthumil e ingelosi yakhe , wavimba imilomo yezingonyama, azingilimazanga, ngokuba kwafunyanwa kimi ukungabi nacala phambi kwakhe; naphambi kwakho, nkosi, angenzanga okubi.

Ngiyakusuka, ngiye kubaba , ngithi: Baba, ngonile kulo izulu naphambi kwakho;

Indodana yayisithi kuye : Baba, ngonile kulo izulu naphambi kwakho ; angisafanele ukuthiwa indodana yakho.

abazakunikwa isijeziso esingukubhujiswa okuphakade , basuke phambi kobuso beNkosi naphambi kwenkazimulo yamandla akhe,

Ngiyakuyala phambi kukaNkulunkulu ophilisa konke , naphambi kukaKristu Jesu owavuma ukuvuma okuhle phambi kukaPontiyu Pilatu,

Onqobayo uyakwembathiswa kanjalo izingubo ezimhlophe , negama lakhe angisoze ngalesula encwadini yokuphila, negama lakhe ngiyakulivuma phambi kukaBaba naphambi kwezingelosi zakhe.

Emva kwalokho ngabona , bheka-ke, isixuku esikhulu ebesingenakubalwa muntu, sivela kuzo zonke izizwe , nemindeni, nabantu, nezilimi, simi phambi kwesihlalo sobukhosi naphambi kweWundlu , sembethe izingubo ezinde ezimhlophe, siphethe amahlamvu esundu ngezandla zaso,

Bahlabelela igama elisha phambi kwesihlalo sobukhosi , naphambi kwezidalwa ezine, namalunga; kepha akubangakho onamandla okufunda lelo gama, kuphela abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi amane nane abathengiweyo emhlabeni.

naye uyakuliphuza iwayini lolaka lukaNkulunkulu elilungisiwe esitsheni solaka lwakhe , lingaxutshiwe, ahlushwe ngomlilo nesibabule phambi kwezingelosi ezingcwele naphambi kweWundlu.