UJehova wahamba phambi kwabo emini ngensika yefu eyo bahola endleleni, nasebusuku ngensika yomlilo eyobakhanyisela ukuba bahambe imini nobusuku.
Ngiyakumbonga uJehova ongilulekayo; nasebusuku izinso zami ziyangiyala.
Nkulunkulu wami , ngikhala emini , kepha awuphenduli , nasebusuku, ngingabi nakuthula.
Zizulazulela ukudla; uma zingasuthi, zihlala nasebusuku.
Uyabona ukuthi ukuphatha kwakhe kunenzuzo ; isibani sakhe asicimeki nasebusuku.
Ngokuba zonke izinsuku zakhe zinobuhlungu , nomsebenzi wakhe ulusizi ; yebo, nasebusuku inhliziyo yakhe ayiphumuli; nalokho kuyize.
Obonayo wayesememeza, wathi: Nkosi yami , ngimi njalo emini embhoshongweni wami, ngihlezi ngisemlindelweni nasebusuku bonke.