Skip to Content

"naseningizimu"

8 occurrences in ZUL

UJehova wathi ku -Abrama, uLoti esehlukene naye : Phakamisa manje amehlo akho ubuke , usendaweni lapho umi khona , ngasenyakatho, naseningizimu, nasempumalanga, nasentshonalanga,

Inzalo yakho iyakuba ngangothuli lomhlabathi , wena usabalalele ngasentshonalanga, nasempumalanga, nasenyakatho, naseningizimu; ngawe nangenzalo yakho iyakubusiswa imindeni yonke yomhlaba.

phendukani nihambe , niye entabeni yama -Amori nasezindaweni zonke eziseduze nakhona e -Araba, ezintabeni, nangenzansi, naseningizimu, nangasogwini lolwandle , ezweni lamaKhanani , naseLebanoni, kuze kube semfuleni omkhulu, umfula u-Ewufrathe.

ezintabeni, nasemathafeni, nase-Araba, nasemithambekeni, nasehlane, naseningizimu: amaHeti, nama-Amori, namaKhanani, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi:

U-Akhishi wathi : Ningenelephi namuhla na ? UDavide wathi : Bekuseningizimu kwaJuda , naseningizimu kwamaJerameli , naseningizimu kwamaKheni.

Sangenela ngaseningizimu yamaKhereti , nakwelakwaJuda, naseningizimu kaKalebi, salishisa iSikilagi ngomlilo.

Bayakufika bephuma emizini yakwaJuda, nasemaphandleni aseJerusalema, nasezweni lakwaBenjamini, nasehlanzeni, nasezintabeni, naseningizimu, beletha iminikelo yokushiswa , nemihlatshelo, neminikelo yempuphu , nenhlaka, befika neminikelo yokubonga endlini kaJehova.

Bayakufika bevela empumalanga , nasentshonalanga, nasenyakatho, naseningizimu, bahlale ekudleni embusweni kaNkulunkulu.