Kusukela kuleso sikhathi embeke ngaso ukuba abe yinduna phezu kwendlu yayo naphezu kwakho konke okwayo, uJehova wabusisa indlu yowaseGibithe ngenxa kaJosefa ; isibusiso sikaJehova sasikukho konke okwayo endlini nasensimini.
Uyakubusiswa emzini, ubusiswe nasensimini.
Uyakuqalekiswa emzini, uqalekiswe nasensimini.
Khona ngakuleyo ndawo , lapho wayebethelwe khona esiphambanweni , kwakukhona insimu , nasensimini kukhona ithuna elisha okwakungazange kubekwe muntu kulo.