Uyakuwa ezintabeni zakwa -Israyeli, wena namaviyo akho onke , nabantu abanawe, ngikunikele ezinyonini eziyoculayo zezinhlobo zonke nasezilwaneni zasendle ukuba udliwe.
Wena ndodana yomuntu, isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Yisho ezinyonini zezinhlobo zonke nasezilwaneni zasendle, uthi: Buthani, nifike, nihlanganyele umhlatshelo wami nxazonke engiwuhlaba ngenxa yenu , umhlatshelo omkhulu ezintabeni zakwa-Israyeli, ukuba nidle inyama, niphuze igazi.