Ngokuba uNkulunkulu owathi : Akuvele ukukhanya ebumnyameni, kukhanye, nguyena owakhanyisa ezinhliziyweni zethu ukuba kukhanye ukwazi inkazimulo kaNkulunkulu ebusweni bukaKristu. Amandla avela evangelini ayaqinisa ezinhluphekweni nasezingozini
Bayizikhonzi zikaKristu na ? Ngikhulumisa okohlanya -- ngiyiso kakhulu kunabo; ekukhandlekeni kakhulu kunabo , nasekuboshweni kaningi kunabo , nasekushayweni okukhulu impela, nasezingozini zokufa ngezikhathi eziningi.
ngangisekuhambeni kaningi , nasezingozini zemifula , nasezingozini zabaphangi, nasezingozini kwabakithi , nasezingozini kwabezizwe , nasezingozini emzini , nasezingozini ehlane , nasezingozini elwandle , nasezingozini kubazalwane bamanga,