Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti , uNkulunkulu ka -Israyeli, uthi: Bheka, ngiyakulenza ukuba liphele kule ndawo phambi kwamehlo enu nasezinsukwini zenu izwi lokujabula nezwi lokuthokoza, izwi lo myeni nezwi lomakoti.
Izwi likaJehova elafika kuHoseya indodana kaBeri ezinsukwini zawo -Uziya, noJothamu, no-Ahazi, noHezekiya, amakhosi akwaJuda , nasezinsukwini zikaJerobowamu indodana kaJowashi, inkosi yakwa-Israyeli.