Jehova, inhliziyo yami ayikhukhumali, amehlo ami awaziphakamisi ; angingeni ezindabeni ezinkulu nasezintweni ezingahlulayo.
Awayikusondela kimi abe ngabapristi kimi, angasondeli nasezintweni zami ezingcwele, izinto ezingcwele kakhulu , kepha ayakuthwala ihlazo lawo nezinengiso zawo azenzileyo.
Ngiyakwazi ukuba phansi , ngiyakwazi nokubusa ; kukho konke nasezintweni zonke ngifundisiwe : ukusutha, nokulamba, nokubusa, nokuswela.