Iminsalo iyakuwisa phansi izinsizwa zabo ; abayikuhawukela isithelo esisesizalweni, amehlo abo angabi nasihe kubantwana.
Ngiyakubaphahlaza omunye komunye , oyise nabantwana ndawonye , usho uJehova; angiyikubahawukela, angiyikubasindisa, angiyikuba nasihe kubo sokuba ngingabachithi.
Yayisithatha ingelosi kaJehova , yathi: Jehova Sebawoti , koze kube nini ungabi nasihe kulo iJerusalema nakuyo imizi yakwaJuda oyithu kuthelele le minyaka engamashumi ayisikhombisa na?