"nathi"
126 occurrences in ZUL
Labo bantu bahlezi ngokuthula nathi ; ngalokho mabahlale ezweni , balihambe, ngokuba bheka , izwe libanzi inxa zombili phambi kwabo ; asizithathele amadodakazi abo abe ngomkethu, sibaphe amadodakazi ethu.
Kuphela ngalokho bayasivumela laba bantu ukuhlala nathi , sibe yisizwe sinye, ukuthi bonke abesilisa bakithi basokwe, njengalokho bona besokiwe.
Kwakukhona nathi lapho insizw a, umHeberu, inceku yenduna yemilindankosi; sayilandisa yona , yasichazela amaphupho ethu , yachazela, kwaba yilowo nalowo ngokwephupho lakhe.
masizihlakaniphele maqondana nabo , funa bande , kuze kuthi lapho kuphuma impi, bahlangane nezitha zethu, balwe nathi, bamuke ezweni.
Bayakulalela izwi lakho; uyakufika wena kanye namalunga akwa -Israyeli enkosini yaseGibithe , nithi kuyo : U Jehova, uNkulunkulu wamaHeberu , uhlangene nathi; ake sihambe manje ibanga lezinsuku ezintathu , siye ehlane, sihlabele uJehova uNkulunkulu wethu.
Base bethi : UNkulunkulu wamaHeberu uhlangene nathi ; ake sihambe ibanga lezinsuku ezintathu , siye ehlane , sihlabele uJehova uNkulunkulu wethu, funa asehlele ngesifo nangenkemba.
Imfuyo yethu nayo iyakuhamba nathi ; akuyikusala nanselo , ngokuba siyakuthatha kuyo lokhu esiyakumkhonza ngakho uJehova uNkulunkulu wethu; asikwazi esiyakumkhonza ngakho uJehova, singakafiki khona.
Ngokuba kuyakwaziwa ngani ukuthi ngifumene umusa emehlweni akho , mina nabantu bakho , na? Akungalokhu yini ukuthi uhamba nathi , ukuze sahlukaniswe, mina nabantu bakho, nabanye abantu abasebusweni bomhlaba na?
UMose wathi kuHobabi indodana kaRehuweli wakwaMidiyani , umukhwe kaMose: Siya endaweni ashilo ngay o uJehova , wathi: Ngiyakuninika yona. Woza wena , uhambe nathi , siyakukwenzela okuhle , ngokuba uJehova ukhulumile okuhle ngo-Israyeli.
Kuyakuthi uma uhamba nathi , yebo, kwenzeke ukuthi , noma yikuphi okuhle uJehova asenzela khona, khona lokho uyakukwenzela nawe.
Bonke abakwa -Israyeli ababebazungeza babaleka ngokukhala kwabo , ngokuba bathi: Funa umhlaba usigwinye nathi.
Nasondela kimi nina nonke , nathi: M asithume amadoda phambi kwethu ukuba asihlolele izwe , asibuyisele izwi ngendlela esimelwe ukukhuphuk a ngayo, nangemizi esiyakufika kuyo.
nakhonona ematendeni enu , nathi: Ngokuba uJehova wasizonda , wasikhipha ezweni laseGibithe ukuba asinikele esandleni sama -Amori, sichithwe.
Nathi nisikhulekele, ukuze uNkulunkulu asivulele umnyango wezwi ukuba sikhulume imfihlakalo kaKristu engiboshwe ngenxa yayo,
ukhulume okuqondileyo okungasolekiyo , ukuze omelana nathi abe namahloni, engenalutho olubi angalukhuluma ngathi.
Ngokuba nathi kade sasiyiziwula , abangalaleliyo, abadukiswayo, sikhonza izinkanuko nokutamasa okuyizinhlobonhlobo, sihlezi ebubini nangomhawu , sizondekile sizondana.
UPawulu, isiboshwa sikaKristu Jesu , noThimothewu umzalwane kuFilemoni, isithandwa sethu nesisebenzi kanye nathi,
UJehova akasenzanga lesi sivumelwano nawobaba , wasenza nathi , yebo, thina esikhona lapha sonke namuhla siphilile.
nathi: Bheka, uJehova uNkulunkulu wethu usibonisile inka zimulo yakhe nobukhulu bakhe , salizwa izwi lakhe livela phakathi komlilo ; sibonile namuhla ukuthi uNkulunkulu uyakhuluma nomuntu, adlule aphile.
Baya kuJoshuwa ekamu laseGiligali , bathi kuye nakumadoda akwa -Israyeli: Sivela ezweni elikude; ngalokho manenze manje isivumelwano nathi.
Amalunga ethu nabo bonke abakhileyo ezweni lakithi bakhuluma kithi , bathi: Phathani ezandleni zenu umphako wendlela , niye nibahlangabeze , nithi kubo: Siyizinceku zenu; manenze isivumelwano nathi.
Makube kude nathi ukuba sihlubuke uJehova , sibuye namuhla ekumlandeleni uJehova ngokwakha i -altare leminikelo yo kushiswa, neleminikelo yempuphu, nelemihlatshelo, ngaphandle kwe-altare likaJehova uNkulunkulu wethu eliphambi kwetabernakele lakhe.
UJehova waxosha phambi kwethu bonke abantu , nama-Amori futhi ayehlala ezweni ; ngalokho nathi siyakumkhonza uJehova , ngokuba unguNkulunkulu wethu.
Wayesefika kubantu baseSukoti , wathi: Bhekani oZeba noSalimuna enangiswabulela ngabo , nathi: Izandla zikaZeba noSalimuna sezisesandleni sakho ukuba siphe amadoda akho ayethileyo isinkwa na?
Amalunga akwaGileyadi athi kuJefta: Sibuyele kuwe manje ngalokhu ukuba uhambe nathi, ulwe nabantwana bakwa -Amoni, ube yinhloko phezu kwabo bonke abakhe kwaGileyadi.
Bathi kuye: Thula, ubeke isandla sakho emlonyeni wakho , uhambe nathi, ube ngubaba nompristi wethu ; kuhle yini ukuba ube ngumpristi wendlu yomuntu munye kunokuba ube ngumpristi wesizwe nomndeni kwa -Israyeli na?
Kuyakuthi lapho oyise noma abanewabo befika ukuphikisana nathi , sithi kubo: Sinikeni wona ngomusa, ngokuba asithathanga, kwaba yilowo nalowo umkakhe empini, futhi anibanikanga wona; khona ngabe nitholile icala.
ukuze nathi sibe njengezizwe zonke , inkosi yethu isahlulele , iphume phambi kwethu, ilwe izimpi zethu.
kepha namuhla nimlahlile uNkulunkulu wenu , yena owanisindisa ezingozini zenu zonke nasezinsizini zenu , nishilo nathi : Hhayi, kepha beka inkosi phezu kwethu . Ngalokho yimani phambi kukaJehova ngezizwe zenu nangezinkulungwane zenu.
Kwenyuka uNahashi wakwa-Amoni, wamisa eJabeshi Gileyadi ; bonke abantu baseJabeshi bathi kuNahashi : Yenza isivumelwano nathi , siyakukukhonza.
Kepha lapho nabona uNahashi inkosi yabantwana bakwa -Amoni ephuma ukulwa nani , nathi kimi : Hhayi, kepha masibuswe yinkosi , ingani uJehova uNkulunkulu wenu wayeyinkosi yenu.
Manje sengizwile ukuthi unabagundi ; abelusi bakho babe nathi , asibalimazanga, abalahlekelwa lutho zonke izinsuku beseKarmeli.
Kepha izikhulu zamaFilisti zamthukuthelela; izikhulu zamaFilisti zathi kuye: Buyisa lowo muntu ukuba abuyele endaweni yakhe om mise kuyo, angehleli nathi empini, funa abe yisitha sethu empini , ngokuba lona ubeyakuyigculisa ngani inkosi yakhe kungengamakhanda alawo madoda na?
U-Akhishi waphendula, wathi kuDavide: Ngiyazi ukuthi umuhle emehlweni ami njengengelosi kaNkulunkulu , nokho izikhulu zamaFilisti zishil o ukuthi: Akayikukhuphuka, aye nathi empini.
Base bethatha bonke abantu ab abi nabonakeleyo kulabo ababehamba noDavide, bathi: Njengokuba bengahambanga nathi , asiyikubanika lutho empangweni esiyikhululile , kuphela ukuba yileyo naleyo ndoda inikwe umkayo nabantwana bayo, bamuke nabo, bahambe.
U-Abisalomu wayesethi : Uma kunjalo , makahambe nathi umfowethu u - Amnoni. Inkosi yathi: Uyakuhambelani nawe na?
Inkosi yayisithi ku -Ithayi umGiti: Nawe uhambelani nathi na ? Buya uhlale nenkosi, ngokuba ungumfokazi nomxoshwa endaweni yakho.
Ufikile izolo nje ; ngikuzulazulise nathi yini namuhla , ngisahamba lapho ngiya khona, na? Buya wena, ubuyise nabafowenu; umusa neqiniso makube nawe.
Kepha u-Abishayi indodana kaSeruya wamsiza , wamshaya umFi listi wambulala. Base befunga kuye abantu bakaDavide , bathi: Awusayikuphuma impi nathi, funa ucime isibani sakwa-Israyeli.
Kwathi ngosuku lwesithathu sengibelethile , lo wesifazane wabeletha naye ; sasindawonye, kwakungekho mfokazi nathi endlini , kuyithina sobabili kuphela.
Kepha oZerubabele noJeshuwa nensali yezinhloko zawoyise bakwa -Israyeli bathi kuzo: Aninandaba nathi yokwakhela uNkulunkulu wethu indlu , kepha thina sodwa siyakumakhela uJehova uNkulunkulu ka -Israyeli njengokusiyala kwenkosi uKoresi, inkosi yasePheresiya.
Abamelene nathi bathi : Abayikwazi, abayikubona s ize sifike phakathi kwabo, sibabulale, sivimbe umsebenzi.
Sase senza nathi umsebenzi wethu , inxenye iphethe imikhonto , kusukela ekuqaleni kokusa kuze kuphume izinkanyezi.
U-Esteri wathi : Ngumuntu omelene nathi , oyisitha, uHamani lo omubi . UHamani wayeseshaywa luvalo phambi kwenkosi nenkosikazi.
Kodwa nasho nathi : Qha, siyakubaleka ngamahhashi , ngalokho niyakubaleka: S ikhwele anejubane , ngalokho abanixoshayo bayakuba nejubane.
Kunalokho uJehova uyakuba nathi khona ebukhosini esikhundleni semifula nemifudlana ebanzi , lapho kungayikuhamba khona izikebhe ezinamaphini , nomkhumbi omkhulu ungadluli kuyo.
Ngalokho ukwahlulela kukude nathi , nokulunga akusifumani ; sihlalela ukukhanya, kepha bheka , ubumnyama; silindela imin i, kepha sihamba ekuhlweni.
Siyagwavuma sonke njengamabhere, siyalilisela nokulilisela njengamajuba; silindela ukwahlulela, kepha akukho, nokusindiswa, kepha kukude nathi.
Ungasideleli ngenxa yegama lakho , ungaseyisi isihlalo sobukhosi sodumo lwakho; sikhumbule, ungasaphuli isivumelwano sakho nathi.
kepha uBaruki indodana kaNeri ya ukuqhathanisa nathi ukuba sinikelwe esandleni samaKaledi, ukuze asibulale, asithumbele eBabele.
Usho kanje uJehova Sebawoti , uNkulunkulu ka -Israyeli, uthi: Nina nawomkenu nikhulumile ngemilomo yenu , nakugcwalisa ngezandla zenu , nathi: S iyakugcwalisa nokugcwalisa izithembiso zethu esizenzileyo zokushisela inkosikazi yezulu impepho nokuyithululela imin ikelo yokuphuzwa. Qinisani nokuqinisa izithembiso zenu, nigcwalise nokugcwalisa izithembiso zenu.
Yansala umnsalo wayo njengesitha , yema njengomelene nathi ngesokunene sayo, yabulala konke okwakumnandi emehlweni ethu . Etendeni lendodakazi yaseSiyoni yathulula ukufutheka kwayo njengomlilo.
bathi: Laba abokugcina basebenze ihora linye nje , ubalinganise nathi esithwalile ubunzima nesifudumezi semini.
UJohane waphendula wathi : Nkosi, sabona umuntu ekhipha amademoni ngegama lakho, samnqabela ngokuba engalandelani nathi.
usithethelele izono zethu , ngokuba nathi sibathethelela bonke abanecala kithi; ungasingenisi ekulingweni, kodwa usikhulule kokubi.
Njalo esinye sezelelesi ebeziphanyekiwe samhlambalaza sathi : Wena awusiye uKristu na? Zisindise kanye nathi.
Khona uTomase , othiwa uDidimu , wathi kubafundi abakanye naye : Asihambe nathi, ukuze sife kanye naye.
USimoni Petru wathi kubo: Ngiya kodoba. Bathi kuye: Nathi sihamba nawe. Base bephuma , bangena emkhunjini ; kepha ngalobo busuku ababambanga lutho.
Ngakho kulawo madoda ayehamba nathi isikhathi sonke , lapho iNkosi uJesu ingena, iphuma phakathi kwethu,
kuqalela embhapathizweni kaJohane kwaze kwaba lusuku akhushulwa ngalo kithi, kumelwe ukuba enye kuwo ibe ngufakazi kanye nathi ngokuvuka kwakhe.
Nathi singofakazi bezinto zonke azenzayo ezweni labaJuda naseJerusalema yena abambulalayo bemphanyeka emthini.
bethi: Madoda, nikwenzelani lokhu na ? Nathi singabantu abanjengani ngemvelo, sinishumayeza ivangeli ukuba niphenduke kulokho okuyize , niphendukele kuNkulunkulu ophilayo owenza izulu nomhlaba , nolwandle, nakho konke okukukho,
Manje-ke nimlingelani uNkulunkulu ngokubeka ijoka entanyeni yabafundi, obaba nathi esasingenamandla okulithwala na?
Kwathi siya endaweni yokukhuleka , kwahlangana nathi intombazana enomoya wobungoma, eyayitholela abaniniyo inzuzo enkulu ngokubhula.
Yona yamlandela uPawulu nathi, yamemeza yathi: Laba bantu bayizinceku zikaNkulunkulu oPhezukonke ezimemezela kini indlela yensindiso.
kwahamba nathi abanye kubafundi baseKesariya, besiyisa kuMnasoni othile waseKhupro, umfundi omdala, ebesizakungenisa kwakhe.
UFestu wathi : Nkosi, Agripha, nani nonke nina madoda enikhona lapha kanye nathi , niyambona lona oluze ngaye kimi lonke uquqaba lwabaJuda eJerusalema nalapha, lumemeza luthi akafanele ukuba abe esaphila.
Ngakho sembelwa naye ngokubhapathizelwa kukho ukufa ukuba njengalokho uKristu wavuswa kwabafileyo ngenkazimulo kaYise , kanjalo nathi sihambe ekuphileni okusha.
akusikho lokho kuphela , kepha nathi uqobo lwethu esinolibo lukaMoya siyabubula phakathi kwethu , silindele isimo sobuntwana , ukukhululwa komzimba wethu.
Senize nasutha , senize naceba , senabusa ngaphandle kwethu ; yebo-ke sengathi ngabe niyabusa, ukuze nathi sibuse kanye nani.
nokho kithina kukhona uNkulunkulu munye , uYise, okuvela kuye konke , nathi sikhonela yena , nenkosi inye , uJesu Kristu , okungaye konke , nathi sikhona ngaye.
osiduduza osizini lwethu lonke , ukuze nathi sibe namandla okududuza abasosizini, nolunjani, ngenduduzo esiduduzwa ngayo nathi nguNkulunkulu.
Kepha noma sikhathazeka , kungenxa yokududuzwa nokusindiswa kwenu , noma siduduzeka, kungenxa yokududuzwa kwenu okusebenza ukukhuthazela ezinhluphekweni zona lezi esihlupheka ngazo nathi.
Nani nisizana nathi ngokusinxusela, ukuze umusa esiwuphiweyo ngokucela kwabaningi siwubongelwe ngabaningi.
Lokhu sinawo lo moya wokukholwa , njengokulotshiweyo ukuthi : Ngakholwa, ngakho ngakhuluma, nathi siyakholwa, ngakho-ke siyakhuluma,
kungesikho lokho kuphela, kodwa ukhethiwe futhi yiwo amabandla ukuba ahambisane nathi ngendaba yalo mnikelo osetshenzwe yithi , kube ludumo kuyo iNkosi, kubonakalise ukukhuthala kwethu,
Bhekani lokhu okuphambi kobuso . Uma umuntu ezeth emba yena ukuthi ungokaKristu, makabuye aqonde lokhu ngokwakhe ukuthi , njengokuba yena engokaKristu, sinjalo nathi.
Ngokuba noma wabethelwa esiphambanweni ngobuthakathaka , nokho uyaphila ngamandl a kaNkulunkulu . Ngokuba nathi sibuthakathaka kuye , kodwa sizakuphila kanye naye ngamandla kaNkulunkulu ngakini. UPawulu ululeka ukuba nabo bazihlole, engakafiki
kepha lokhu sazi ukuthi umuntu akalungisiswa ngemisebenzi yomthetho , kuphela ngokukholwa nguKristu Jesu , nathi sakholwa nguKristu Jesu ukuba silungisiswe ngokukholwa nguKristu kungengemisebenzi yomthetho; ngokuba ngemisebenzi yomthetho akuyikulungisiswa nyama.
Kepha uma thina , lapho sifuna ukulungisiswa ngoKristu , nathi uqobo safunyanwa siyizoni, kanti uKristu uyisikhonzi sesono na? Qha nakanye.
ukuthi abezizwe bayizindlalifa kanye nathi , nokuthi bamzimba munye nathi, nokuthi bangabahlanganyeli besithembiso kanye nathi kuKristu Jesu ngevangeli;
njengalokho nafunda ku-Ephafra othandekayo oyinceku kanye nathi , oyisikhonzi esithembekayo sikaKristu ngenxa yenu;
Ngalokho nathi , kusukela osukwini esezwa ngalo , asiyeki ukunikhulekela nokuninxusela ukuba nigcwaliswe ngokwazi intando yakhe ngokuhlakanipha konke nokuqonda okungomoya,
esehlangule incwadi yecala lethu , emelana nathi ngemiyalo yayo , wayeyisusa ngokuyibethela esiphambanweni;
Ngalokho nathi sibonga uNkulunkulu singaphezi , ngokuba, kuthe lapho namukela izwi likaNkulunkulu enalizwa ngathi , anilamukelanga njengezwi labantu kepha njengezwi likaNkulunkulu , njengokuba liyilo isibili , elona lisebenza futhi phakathi kwenu nina enikholwayo.
ababulala neNkosi uJesu nabaprofethi , basixosha nathi , bengamthokozisi uNkulunkulu, bemelana nabantu bonke,
Kepha kalokhu uThimothewu esefikile kithi evela kini , esibikela izindaba ezinhle zokukholwa nothando lwenu , nokuthi nisikhumbula kahle njalo , nokuthi nilangazelela ukusibona , njengokuba nathi silangazelela ukubona nina,
aniphe nina enihluphekayo ukuphumula kanye nathi ekwambulweni kweNkosi uJesu, evela ezulwini, enezingelosi zamandla akhe,
Ngokuba phela nathi sashunyayezwa ivangeli njengabo; kepha izwi abalizwayo alibasizanga bona , lokhu lingahlangananga nabezwayo ngokukholwa.
Ngalokho-ke nathi , lokhu sinefu elingaka lawofakazi elisihaqileyo, masilahle konke okusindayo nesono esithandela kangaka kithi , sigijime ngokubekezela kulokhu kuncintisana esikumiselweyo,
U-Eliya wayengumuntu efana nathi ; wakhuleka n okukhuleka ukuba lingani; alinanga emhlabeni iminyaka emithathu nezinyanga eziyisithupha.
lokho esikubonileyo, sakuzwa, sinishumayeza khona nani , ukuze nani nibe nenhlanganyelo nathi . Kepha thina sinenhlanganyelo noYise naneNdodana yakhe uJesu Kristu.
Baphuma kithi , kodwa babengesibo abakithi ; ngokuba uma bebengabakithi, babeyakuhlala nathi; kodwa baphuma, ukuze babonakaliswe ukuthi bonke abasibo abakithi.
Uthando silw azi ngalokho ukuthi yena wabeka ukuphila kwakhe ngenxa yethu; nathi sifanele ukubeka ukuphila ngenxa yabazalwane.
Ngalokho uthando luphelelisiwe kithi , ukuze sibe nesibindi ngosuku lokwahlulelwa, ngokuba njengalokhu enjalo yena, sinjalo nathi kuleli zwe.