Ngokuba onke amazibulo angawami ; ngalolo suku engabulala ngalo onke amazibulo ezweni laseGibithe ngazingcwelisela amazibulo onke kwa-Israyeli, awabantu nawezilwane; ayakuba ngawami; nginguJehova.
Ngokuba onke amazibulo phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli angawami, awabantu nawezilwane ; mhla ngishaya amazibulo onke ezweni laseGibithe ngazingcwelisela wona.
yebo, kule nxenye yabantwana bakwa-Israyeli uMose wathatha kube kunye emashumini ayisihlan u, awabantu nawezilwane , wakunika amaLevi agcina inkonzo yetabernakele likaJehova, njengalokho uJehova emyalile uMose.
Imizi ayakuhlala kuyo, amadlelo awo abe ngawezinkomo zawo, nawempahla yawo, nawezilwane zonke zawo.
Washaya amazibulo aseGibithe, awabantu kanye nawezilwane.
Ayakushiywa ndawonye abe ngawamanqe as ezintabeni nawezilwane zasemhlabeni; amanqe ayakuhlala ehlobo phezu kwawo, nazo zonke izilwane zomhlaba ziyakuhlala ebusika phezu kwawo.