uthelisele uJehova amadoda empi aya ekulweni , kube kunye emakhulwini ayisihlanu, awabantu, nawezinkomo, nawezimbongolo, nawezimvu,
Enxenyeni yabantwana bakwa-Israyeli wothabatha kube kunye emashumini ayisihlanu, awabantu, nawezinkomo, nawezimbongolo, nawezimvu, yebo, awezilwane zonke , ukunike amaLevi agcina inkonzo yetabernakele likaJehova.
Yayisihamba inkosi yakwa -Israyeli, nenkosi yakwaJuda , nenkosi yakwa - Edomi; azungeza indlela yezinsuku eziyisikhombisa ; kwakungekho manzi empi nawezinkomo ezibalandelayo.
Bayakufika, bahlabelele ngokujabul a ekuphakameni kwaseSiyoni , bagobhozele kukho okuhle kukaJehova , yebo, emabeleni, nasewayinini, nasemafutheni, nakuwo amazinyane e zimvu nawezinkomo , umphefumulo wabo ube njengensimu eniselweyo, bangabe besaba nosizi futhi.