Bayahlabela eziqongweni zezintaba, bashisa impepho emagqumeni, phansi kwama-oki nemipopula nemitherebinte , ngokuba umthunzi wakho muhle ; kungalokho amadodakazi enu ayafeba, nawomakoti benu bayaphinga.
Angiyikuwajezisa amadodakazi enu, lapho efeba, nawomakoti benu lapho bephinga, ngokuba namadoda achezukela iziphingi , ahlaba kanye nezifebe zethempeli. Kanjalo abantu abangenangqondo bayakuwiswa.