"ndaba"
33 occurrences in ZUL
Inceku yayisibeka isandla sayo phansi kwethanga lika -Abrahama inkosi yayo, yafunga kuye ngale ndaba.
Base bephendula oLabani noBetuweli , bethi: Le ndaba ivela kuJehova ; asinakusho lutho kuwe, noma okubi noma okuhle.
Wathi yena: Ngubani okumise induna nomahluleli phezu kwethu na? Ufuna ukungibulala mina , njengalokho ubulele owas eGibithe, na? UMose wayesesaba, ethi: Impela le ndaba iyazeka.
Kepha uJehova wangithukuthelela ngenxa yenu , akangizwanga; uJehova wayesethi kimi: Mawudele; ungabe usakhuluma nami ngale ndaba.
ungenzi lutho kuyo intombi , ngokuba asikho entombini isono esifanele ukufa, lokhu le ndaba injengokuba umuntu evukela umakhelwane wakhe , ambulale,
Athi amadoda kuye : Mayife imiphefumulo yethu esikhundleni senu ; uma ningavezi obala le ndaba yethu, siyakunenzela umusa neqiniso lapho uJehova esinika izwe.
Wathi: Hlala, ndodakazi yami, uze wazi ukuba le ndaba iyakuphethelaphi , ngokuba leyo ndoda ayiyikuphumula ingakaqedi indaba namuhla.
Ngiqale namuhla yini ukumbuzela kuJehova na? Makube kude nami; inkosi mayingabeki cala encekwini yayo , nakuyo yonke indlu kaba ba, ngokuba inceku yakho ayazi lutho lwayo yonke le ndaba, oluncane noma olukhulu.
Ngubani oyakunilalela kule ndaba na ? Ngokuba njengesabelo sowehlele empini siyakuba n jalo isabelo salowo owasala nempahla ; bayakwabelwa ngokulingeneyo.
Inhliziyo yenkosi yase -Aramu yayiphethwe yitwetwe ngale ndaba , yabiza izinceku zayo , yathi kuzo : Ningengitshele yini ukuthi ngobani abakithi abavuma inkosi yakwa-Israyeli na?
Wabutha abapristi namaLevi, wathi kubo: Phumani niye emizini yakwaJuda, niqoqe ku -Israyeli wonke imali yokulungisa indlu kaNkulunkulu wenu iminyaka ngeminyaka, niyisheshise le ndaba. Kepha amaLevi awasheshanga.
Kepha iso likaNkulunkulu wabo laliphezu kwamalunga abaJuda , ababathiyanga, ize iye leyo ndaba kuDariyu , kubuyiselwe impendulo ngayo ngencwadi.
Lapho ngizwa leyo ndaba, ngaklebhula ingubo yami nejazi lami, ngahluthula izinwele zekhanda lami nesilevu sami, ngahlala phansi ngimangele.
Bonke abantu bakwaJuda nabakwaBenjamini babuthana eJerusalema ngezinsuku ezintathu ; kwakuyinyanga yesishiyagalolunye , ngolwamashumi amabili lwenyanga ; bonke abantu bahlala esigcawini ngaphambi kwendlu kaNkulunkulu bethuthumela ngale ndaba nangemvula enkulu.
Kepha abantu baningi , futhi kuyisikhathi semvula enkulu , asinakuma phandle, futhi lo msebenzi awusiwo walusuku lunye nowezimbili , ngokuba siphambukile kakhulu ngale ndaba.
Izinduna zethu mazime phambi kwebandla lonke ; bonke abasemizini yethu abathathe abesifazane babezizwe mabeze ngesikhathi esinqunyiweyo , benamalunga emizi ngemizi nabahluleli ba yo, ize ibuye kithi intukuthelo evuthayo kaNkulunkulu wethu kule ndaba.
Kepha abathunjwa benze njalo . Kwakhethwa u-Ezra, umpristi, namadoda ayizinhloko zawoyise njengezindlu zawoyise , bonke ngamagama ; bahlala ngosuku lokuqala lwenyanga yeshumi ukuyiphenya le ndaba.
Ngokuba le ndaba yenkosikazi iyakuphumela kubo bonke abesifazane ukuba ama doda abo adeleleke emehlweni abo , lapho kuthiwa inkosi u- Ahashiveroshi yamyala uVashiti , inkosikazi, ukuba alethwe phambi kwayo , kepha akafikanga.
Namuhla amakhosikazi asePheresiya naseMediya ayizwile le ndaba yenkosikazi ayakukusho ezikhulwini zenkosi, kube ngukudelela nentukuthelo enkulu.
Leyo ndaba yaziwa nguMoridekayi , wayitshela u-Esteri inkosikazi; u-Esteri wayisho enkosini egameni likaMoridekayi.
Ngalokho babiza lezo zinsuku ngokuthi iPhurimi ngegama lePhure . Ngalokho ngenxa yawo onke amazwi aleyo ncwadi , nangenxa yalokho abebekubonile ngale ndaba, nalokho okubehleleyo,
UDaniyeli wayeseya endlini yakhe , wazisa oHananiya , noMishayeli, no- Azariya, abangane bakhe, le ndaba
OShadiraki, noMeshaki, no-Abedi Nego baphendula , bathi enkosini : Nebukadinesari, thina asidingi ukukuphendula kule ndaba.
Manje-ke kungeniswe phambi kwami abahlakaniphileyo nabathwebulayo ukuba bafunde lo mbhalo , bangazise incazelo yawo , kepha behl uleka ukubonakalisa incazelo yale ndaba.
Kepha yena esephumile waqala ukuyandisa kakhulu nokuyidumisa le ndaba, ngangokuba uJesu wayengasenakungena emzini obala ; wayesehlala ngaphandle ezindaweni eziyihlane; beza kuye bevela nxazonke.
Kuthe ukuba kuvele ukuphambana nok uphikisana okukhulu phakathi kwabo noPawulu noBarnaba, banquma ukuba oPawulu noBarnaba nabathile kubo bakhuphukele eJerusalema kubaphostoli namalunga ngaleyo ndaba.