"ndlu"
109 occurrences in ZUL
Yizwa lokhu wena ndlu kaJakob e obiziwe ngegama lika-Israyeli, waphuma emanzini akwa Juda, ofunga igama likaJehova , odumisa uNkulunkulu ka - Israyeli, kungengaqiniso nakulunga kodwa.
ayinkulu kunami kule ndlu ; futhi ayingigodlelanga lutho ngaphandle kwakho kuphela , ngokuba ungumkayo ; pho, ngingenza kanjani lobo bubi obungaka, ngone kuNkulunkulu na?
Nothatha isithungu sehisopi , nisicwilise egazini elisemcengezini , nibhece ikhothamo nezinsika zombili zomnyango ngegazi elisemcengezini ; akuyikuphuma muntu emnyango waleyo ndlu kuze kube sekuseni.
Uma ingahlengwanga umnyaka usuphelile , leyo ndlu esemzini onogange iyakuqiniswa ibe ngeyakhe owayithenga kuze kube phakade ezizukulwaneni zakhe; ayiyikuphuma ngejubili.
Nxa u -Aroni namadodana akhe sebeqedile ukusibekela indlu engcwele nempahla yonke ye ndlu engcwele, lapho ikamu liyakusuka , emva kwalokho amadodana kaKohati ayakufika ukukuthwala , kepha awayikuthinta okungcwele, funa afe . Lezo zinto zingumthwalo wamadodana kaKohati etendeni lokuhlangana.
Khuluma kubantwana bakwa -Israyeli, uthabathe kubo izintonga , ibe nye kuleyo naleyo ndlu kayise , kuzo zonke izikhulu njengezindlu zawoyise , izintonga eziyishumi nambili ; loba wena igama lalowo nalowo muntu entongeni yakhe.
Kodwa indawo uJehova uNkulunkulu wenu ayakuyikhetha kuzo zonke izizwe zenu ukuba abeke igama lakhe kuyo , leyo ndlu yakhe niyakuyifuna , nize kuyo,
Ngokuba angihlalanga ndlu kusukela osukwini engakhuphula ngalo abantwana bakwa-Israyeli eGibithe kuze kube namuhla, kepha ngangilokhu ngihamba etendeni nasetabernakele.
Kumi kanje maqondana nale ndlu oyakhayo : uma uyakuhamba ngezimiso zami, wenze izahlulelo zami , ugcine yonke imiyalo yami ukuba u hambe ngayo, ngiyakugcwalisa kuwe izwi engalikhuluma kuDavide uyihlo:
Kepha uNkulunkulu uyakuhlala impela emhlabeni na? Bheka, izulu nezulu lamazulu alinakukwanela ; pho, kakhulu kangakanani le ndlu encane engiyakhileyo na?
ukuba amehlo akho avulekele le ndlu ubusuku nemini , indawo owathi ngayo: Igama lami liyaku ba khona lapho, uze ulalele umkhuleko inceku yakho eyakuwukhuleka ibhekene nale ndawo.
Uma umuntu ona umakhelwane wakhe , athweswe isifungo sokumfungisa, abeseza ukufunga phambi kwe-altare lakho kule ndlu,
Lapho abantu bakho u -Israyeli benqotshwa yisitha, ngokuba bonile kuwe, kepha bese bebuya bephindela kuwe , balivume igama lakho , bakhuleke, banxuse kuwe kule ndlu,
bese kuzwakala namuphi umkhuleko nakuphi ukunxusa noma ngumuphi umuntu noma yibo bonke abantu bakho u -Israyeli abayakwazi, kube yilowo nalowo inhlupheko yasenhliziyweni yakhe, elulele izandla zakhe kule ndlu,
ngokuba bayakuzwa ngegama lakho elikhulu , nangesandla sakho esinamandla, nangengalo yakho eyeluliweyo lapho ebeseza ukukhuleka kule ndlu,
mawuzwe wena ezulwini , indawo yakho yokuhlala , wenze njengakho konke lo wezizwe akhala ngakho kuwe, ukuze bonke abantu bomhlaba bazi igama lakho , bakwesabe wena njengabantu bakho u -Israyeli nokuze bazi ukuthi le ndlu engiyakhileyo ibiziwe ngegama lakho.
Uma abantu bakho bephuma impi ukulwa nesitha sabo ngendlela obathuma ngayo , bese bekhuleka ku Jehova bebhekene nalo muzi owukhethileyo nale ndlu engiyakhele igama lakho,
UJehova wathi kuye: Ngiwuzwile umkhuleko wakho nokunxusa kwakho onxuse ngakho phambi kwami ; ngiyingcwelisile le ndlu oyakhileyo ukuba ngibeke khona igama lami kuze kube phakade ; amehlo ami nenhliziyo yami kuyakuba khona izinsuku zonke.
ngiyakumnquma u -Israyeli ezweni engimnike lona ; nale ndlu engiyingcwelisele igama lami ngiyakuyilahla ebusweni bami , u-Israyeli abe yisaga nesifenqo phakathi kwabantu bonke.
Noma le ndlu iphakeme kangaka , bonke abadlula kuyo bayakumangala, banximfe, bathi: UJehova wenzeleni kanje kuleli zwe nakule ndlu na?
Wabeka isithombe esibaziweyo sika -Ashera asenzileyo endlini asho ngayo uJehova kuDavide nakuSolomoni indodana yakhe ukuthi : Kule ndlu naseJerusalema engilikhethile ezizweni zonke zakw a-Israyeli ngiyakubeka igama lami kuze kube phakade;
ngokuba angihlalanga ndlu kusukela osukwini engakhuphula ngalo u - Israyeli kuze kube namuhla , kepha ngangisematendeni, nasematabernakele ngamatabernakele.
Kepha uNkulunkulu uyakuhlala impela nabantu emhlabeni na ? Bheka, izulu nezulu lamazulu alinakukwanela ; pho, kakhulu kangakanani le ndlu encane engiyakhileyo na?
nalapho abaphethe amacilongo nabahlabeleli bezwakalisa kanyekanye izwi linye lokudumisa nokubonga uJehova , nanxa bekhalisa amacilongo namasimbali nezinto zokubethwa , bedumisa uJehova ngokuba muhle nangokuba umusa wakhe umi phakade, khona indlu yagcwaliswa yifu , yona le ndlu kaJehova,
ukuba amehlo akho avul ekele le ndlu ubusuku nemini , indawo owasho ngayo ukuthi uyakubeka khona igama lakho , uze ulalele umkhuleko inceku yakho eyakuwukhuleka ibhekene nale ndawo.
Uma umuntu ona umakhelwane wakhe , athweswe isifungo sokumfungisa, abeseza ukufunga phambi kwe-altare lakho kule ndlu,
Uma abantu bakho u -Israyeli benqotshwa yisitha , ngokuba bonile kuwe , kepha bese bebuya bephindela kuwe , balivume igama lakho , bakhuleke, banxuse kuwe kule ndlu,
bese kuzwakala namuphi umkhuleko nakuphi ukun xusa noma ngumuphi umuntu noma yibo bonke abantu bakho u -Israyeli abayakwazi, kube yilowo nalowo inhlupheko yakhe nosizi lwakhe, elulele izandla zakhe kule ndlu,
Futhi owezizwe ongesiye owabantu bakho u -Israyeli, lapho evela ezweni elikude ngenxa yegama lakho elikhulu nesandla sakho esinamandla nengalo yakho eyeluliweyo, abesefika ukukhuleka kule ndlu,
mawuzwe wena ezulwini, indawo yakho yokuhlala, wenze njengakho konke lo wezizwe akhala ngakho kuwe , ukuze bonke abantu bomhlaba bazi igama lakho, bakwesabe wena njengabantu bakho u -Israyeli, nokuze bazi ukuthi le ndlu engiyakhileyo ibiziwe ngegama lakho.
Uma abantu bakho bephuma impi ukulwa nezitha zabo ngendlela obathuma ngayo , bese bekhuleka kuJehova be bhekene nalo muzi owukhethileyo nale ndlu engiyakhele igama lakho,
Manje sengiyikhethile ngayingcwelisa le ndlu ukuba igama lami libe khona lapho kuze kube phakade ; amehlo ami nenhliziyo yami kuyakuba khona lapho isikhathi sonke.
ngiyakubasiphula ezweni lami engibanike lona , nale ndlu engiyingcwelisele igama lami ngiyakuyilahla ebusw eni bami, ngiyenze isaga nesifenqo phakathi kwabantu bonke.
Le ndlu ephakeme kangaka , yilowo nalowo odlula kuyo uyakumangala athi: UJehova wenzeleni kanje kuleli zwe nakule ndlu na?
Uma sehlelwa ngokubi, inkemba, nokwahlulelwa, nesifo, nendlala, siyakuma phambi kwale ndlu naphambi kwakho, ngokuba igama lakho likule ndlu, sikhale kuwe ekuhluphekeni kwethu, uyakuzwa, usisindise.
Wabeka umfanekiso obaziweyo wesithombe awenzileyo endlini kaNkulunkulu asho ngayo uNkulunkulu kuDavide nakuSolomoni indodana yakhe ukuthi : Kule ndlu naseJerusalema engilikhethile ezizweni zonke zakwa-Israyeli ngiyakubeka igama lami kuze kube phakade;
Abaningi babapristi namaLevi , nezinhloko zawoyise , abadala ababeyibonile indlu yokuqala , bakhala ngezwi elikhulu ekubekweni kwesisekelo saleyo ndlu pham bi kwamehlo abo ; abaningi bakhamuluka ngentokozo,
Ngasona leso sikhathi kwafika kubo uThathenayi, umbusi phesheya koMfula, noShethati Bozenayi , nabangane babo , basho kanje kubo , bathi: Ngubani owaniyaleza ukwakha le ndlu nokuqeda lolu gange na?
Sase sibuza kulawo malunga, sasho kuwo kanje, sathi: Ngubani owaniyaleza ukwakha le ndlu nokuqeda lolu gange na?
Kepha ngokuba obaba bese bemthukuthelisile uNkulunkulu wezulu , wabanikela esandleni sikaNebukadinesari inkosi yaseBabele , umKaledi, owachitha le ndlu, wabamukisa, wabayisa eBabele.
Kepha ngomnyaka wokuqala kaKoresi inkosi yaseBabele , uKoresi inkosi wakhipha isimemezelo sokuba kwakhiwe le ndlu kaNkulunkulu.
Ngalokho uma kukuhle enkosini , makucingwe endlini yengcebo yenkosi elapho eBabele ukuba kunjalo yini ukuthi uKoresi inkosi wakhipha isimemezelo soku ba kwakhiwe le ndlu kaNkulunkulu eJerusalema ; inkosi mayithume kithi inhloso yayo ngalokho.
wuyekeni umsebenzi waleyo ndlu kaNkulunkulu ; umbusi wabaJuda namalunga abaJuda mabakhe le ndlu kaNkulunkulu endaweni yayo.
Futhi ngikhipha isimemezelo ngeniyakukwenza kulawo malunga abaJuda ukuba kwakhiwe leyo ndlu kaNkulunkulu : labo bantu mabanikwe kakhulu izindleko empahleni yenkosi , intela yaphesheya koMfula , ukuba bangathiywa.
uNkulunkulu ohlalise khona igama lakhe awise phansi onke amakhosi nabantu abayakwelula izandla zabo ukuba baguqule lokho , bachithe le ndlu kaNkulunkulu eseJerusalema . Mina Dariyu ngikhiphe isimemezelo ; masenziwe ngaso sonke isineke.
Yaqedwa leyo ndlu ngosuku lwesithathu lwenyanga ka -Adari ngomnyaka wesithupha wokubusa kukaDariyu inkosi.
Abantwana bakwa -Israyeli, abapristi namaLevi nabanye abathunjwa , bagcina ukuhlanjululwa kwaleyo ndlu kaNkulunkulu ngokuthokoza.
Banikela ekuhlanjululweni kwaleyo ndlu kaNkulunkulu ngezinkunzi eziyikhulu, nangezinqama ezingamakhulu amabili , nangamawundlu angamakhulu amane, kanye nezimpongo eziyishumi nambili zibe ngumnikelo wokona ngo-Israyeli wonke njengokomumo wezizwe zakwa-Israyeli.
Futhi siyanazisa ukuthi akakho onegunya lokuthelisa abapristi namaLevi , nabahlabeleli, nabalindisango, namaNethini, nezinceku zale ndlu kaNkulunkulu intela, nenkokhiso, nemali yendlela.
Izandla zikaZerubabele zibe ke isisekelo sale ndlu , futhi izandla zakhe ziyakuyiqeda, wazi ukuthi nguJehova Sebawoti ongithumile kini.
Ngilalele wena ndlu kaJakobe , yonke insali yendlu yakwa -Israyeli engiyithwesiweyo kwasesiswini, yabekwa phezu kwami kwasesizalweni.
Usho kanje uJehova , uthi: Izulu liyisihlalo sami sobukhosi , umhlaba uyisenabelo sezinyawo zami ; iphi leyo ndlu ebeniyakungakhela yona , iphi indawo yami yokuphumula, na?
Bhekani, ngiyakwehlisela phezu kwen u isizwe esivela kud e nina ndlu ka - Israyeli, usho uJehova; yisizwe esinamandla, yisizwe esidala, yisizwe ongazi ulimi lwaso, nongezwa lokhu abakukhulumayo.
bese nifika nime ngaphambi kwami kule ndlu ebizwe ngegama lami , nithi: Sophuliwe -- nize nenze zonke lezi zinengiso, na?
Le ndlu ebizwe ngegama lami isiphenduke umhume wabaphangi emehlweni enu na? Bhekani, nami ngiyakubona, usho uJehova.
ngiyakwenza kule ndlu ebizwe ngegama lami nenithemba kuyo , nakule ndawo enganinika yona nina nawoyihlo, njengalokho ngenza kulo iShilo.
Bengingenze kinina ndlu ka -Israyeli njengalo mbumbi na ? usho uJehova. Bhekani, njengebumba esandleni sombumbi, ninjalo esandleni sami nina ndlu ka-Israyeli.
O, ndlu kaDavide, usho kanje uJehova , uthi: Yenzani izahlulelo ekuseni , nophule ophangiweyo esandleni somcindezeli , funa uku futheka kwami kuphume njengomlilo, kushise, kuze kungabikho owucimay o ngenxa yobubi bezenzo zenu.
Ngokuba uma nenza lokhu impela , kuyakungena ngamasango ale ndlu amakhosi ahlezi esihlalweni sobukhosi sikaDavide , ekhwele izinqola namahhashi, wona nezinceku zawo nabantu bawo.
ngiyakwenza le ndlu ibe njengeShilo, nalo muzi ngiyakuwenza ube yisiqalekiso ezizweni zonke zomhlaba.
Uprofetheleni egameni likaJehova ukuthi: Le ndlu iyakuba njengeShilo, nalo muzi uyakuchithwa kungabe kusaba khona owuhlalayo , na? Bonke abantu babebuthene kuJeremiya endlini kaJehova.
Wayesesho uJeremiya kuzo zonke izikhulu nakubo bonke abantu , ethi: UJehova wan githuma ukuprofetha ngale ndlu nangalo muzi onke amazwi eniwezwileyo.
Kepha wena ndodana yomuntu , yizwa engikukhulumayo kuwe , ungabi ngumhlubuki njengale ndlu ehlubukayo ; vula u mlomo wakho , udle engikunika khona.
UMoya kaJehova wehlela phezu kwami , wathi kimi: Yisho uthi: Usho kanje uJehova, uthi: Nisho njalo nina ndlu ka -Israyeli; ngiyazi mina okungena emoyeni wenu.
Ngokuba mina Jehova ngiyakukhuluma izwi engiyakulikhuluma , lenzeke, lingabe lisalitshazi swa, ngokuba ezinsukwini zenu nina ndlu ehlubukayo ngiyakukhuluma izwi, ngilenze, isho iNkosi uJehova.
Kodwa nithi: Indlela yeNkosi ayilingani. Yizwani nina ndlu yakwa-Israyeli: Indlela yami ayilingani na? Angithi yizindlela zenu ezingalingani na?
Kepha indlu yakwa -Israyeli ithi : Indlela yeNkosi ayilingani . Wena ndlu yakwa-Israyeli, izindlela za mi azilingani na ? Angithi yizindlela zenu ezingalingani na?
Ngalokho ngiyakunahlulela nina ndlu yakwa-Israyeli, kube yilowo nalowo njengezindlela zakhe , isho iNkosi uJehova . Phendukani, nibuye ezeqweni zenu zonke, ububi bungabi yisikhubekiso senu.
Lahlani kini zonke izeqo zenu eneqe ngazo , nizenzele inhliziyo entsha nomoya omusha, ngokuba uyakufelani wena ndlu yakwa-Israyeli na?
Ekuletheni iminikelo yenu nasekudabuliseni amadodana enu emlilweni niyazingcolisa ngazo zonke izithombe zenu kuze kube namuhla . Mina ngiyakubuzwa yinina , nina ndlu yakwa -Israyeli, na? Qha, kuphila kwami , isho iNkosi uJehova, angiyikubuzwa yinina.
Niyakwazi ukuthi nginguJehova , lapho ngisebenza kini ngokwegama lami kungengokwezindlela zenu ezimbi nezenzo zenu ezona keleyo nina ndlu yakwa-Israyeli, isho iNkosi uJehova. Umlilo wasehlathini
Yisho kubo , uthi: Kuphila kwami , isho iNkosi uJehova , angithokozi ngokufa komubi , kuphela ngokubuya komubi endleleni yakhe aze aphile . Buyani, buyani ezindleleni zenu ezimbi ; niyakufelani nina ndlu yakwa - Israyeli na?
Nokho nisho nithi : Indlela yeNkosi ayilingani . Ngiyakunahlulela nina ndlu yakwa-Israyeli, kube yilowo nalowo ngendlela yakhe. Ukuwa kweJerusalema
Ngalokho yisho kuyo indlu yakwa -Israyeli, uthi: Isho kanje iNkosi , uJehova, ithi: Angikwenzi lokho ngenxa yenu nina ndlu yakwa-Israyeli, kepha ngenxa yegama lami elingcwele enilihlambalazile phakathi kwezizwe , lapho naya khona.
Angikwenzi lokhu ngenxa yenu , isho i Nkosi uJehova ; makwaziwe kini ; jabhani, nibe namahloni ngenxa yezindlela zenu nina ndlu yakwa-Israyeli.
Wena ndodana yomuntu , bonisa abendlu yakwa -Israyeli le ndlu ukuba babe namahloni ngobubi babo, balinganise isimo sayo.
Wayesengiyisa ngaphambi kwendlu ngendlela yesango lasenyakatho ; ngabuka, bheka, inkazimulo kaJehova yagcwalisa i ndlu kaJehova , ngawa ngobuso bami.
Uyakusho kuyo indlu ehlubu kileyo yakwa-Israyeli, uthi: Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Nina ndlu yakwa-Israyeli, mazanele kini zonke izinengiso zenu,
Yizwani lokhu nina bapristi, nilalele nina ndlu ka -Israyeli, nibeke indlebe nina ndlu yenkosi , ngokuba ukwahlulela kukinina , lokhu nanilugibe eM ispa nenetha elenekwe eThabori.
Kuyakushiwo, nina ndlu kaJakobe , ukuthi uMoya kaJehova unyinyekile ; yizenzo zakhe lezi na? Awamahle yini amazwi ami kohamba ngobuqotho?
Naletha kimi imihlatshelo neminikelo yempuphu ehlan e iminyaka engamashumi amane, nina ndlu ka-Israyeli, na?
Ngokuba bhekani , ngiyakunivusela isizw e nina ndlu ka -Israyeli, usho uJehova uNkulunkulu Sebawoti ; bayakunicindezela kusukela ekuyeni eHamati kuze kube semfuleni wase-Araba.
Ngubani oseleyo phakathi kwenu owayibona le ndlu ekukhazimuleni kwayo kokuqala? Niyayibona injani manje na? Ayinjengento yalutho emehlweni enu na?
ngizamazamise nabo bonke abezizwe, kufike okunxanelekayo kwabo bonke abezizwe, ngiyigcwalise le ndlu ngenkazimulo, usho uJehova Sebawoti.
Inkazimulo yokugcina yale ndlu iyakuba nkulu kuneyokuqala , usho uJehova Sebawoti, nginike ukuthula kule ndawo, usho uJehova Sebawoti.
Kuyakuthi, njengalokho wawuyisiqalekiso phakathi kwabezizwe wena ndlu yakwaJuda nawe ndlu yakwa -Israyeli, kanjalo nginisindise, nibe yisibusiso; ningesabi, kepha maziqine izandla zenu.
Layithela imvula , kwafika izikhukhula , kwavunguza imimoy a, yayishaya leyo ndlu; kepha kayiwanga, ngokuba yayisekelwe yidwala.
Layithela imvula , kwafika izikhukhula , kwavunguza imimoya , yayishaya leyo ndlu, yawa, kwaba kukhulu ukuwa kwayo!
Yilowo nalowo ongayikunamukela engawezwa amazwi enu , anothi niphuma kuleyo ndlu noma kulowo muzi , nivuthulule uthuli ezinyaweni zenu.
Ufana nomuntu owayakha indlu , wemba washonisa , wabeka isisekelo edwaleni. Ekufikeni kwesikhukhula umfula washaya leyo ndlu , kepha wawungenamandla okuyinyakazisa, ngokuba yayakhiwe kahle.
Kodwa ozwayo engenzi unjengom untu owakha indlu emhlabathini ingenasisekelo; umfula wayishaya , yawa masinyane ; kwaba kukhulu ukudilika kwaleyo ndlu.
Hlalani kuleyo ndlu , nidle, niphuze abanipha khona ; ngokuba isisebenzi sifanele inkokhelo yaso. Ningangenisi ezindlini ngezindlu.
Kepha uNkulunkulu wabafulathela, wabadedela ukuba bakhonze ibandla lezulu, njengokuba kulotshiwe encwadini yabaprofethi ukuthi : Naningilethela iminikelo nemihlatshel o iminyaka engamashumi amane ehlane nina ndlu ka-Israyeli na?