UDavide wathi kuSawule : Inceku yakho yayizalusa izimvu zikayise ; lapho kwafika ingonyama nebhere kwathatha imvu emhlambini,
Inceku yakho yahlula ingonyama nebhere , nalowo mFilisti ongasokile uyakuba njengenye yazo, lokhu eyeyisile impi kaNkulunkulu ophilayo.
Njengengoyama ebhongayo nebhere elihahayo, unjalo umbusi omubi phezu kwabantu abampofu.
Umuntu makahlangane nebhere elaphuciwe amawundlu al o kunesiwula ebuwuleni baso.
Inkomo nebhere kuyakuklaba , amazinyane akho abuthise ndawonye , ingonyama idle utshani njengenkabi.