"nefa"
27 occurrences in ZUL
UJehova wathi ku -Aroni: Awuyikuba nafa ezweni lakubo , futhi ungabi nasabelo phakathi kwabo ; mina ngiyisabelo sakho nefa lakho phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli.
Yileyo naleyo ndodakazi enefa esizweni esithile sabantwana bakwa -Israyeli iyakuba ngumfazi womndeni wesizwe sikayise , ukuze yilowo nalowo wabantwana bakwa-Israyeli abe nefa lawoyise.
Agana emindenini yamadodana kaManase indodana kaJosefa , nefa lawo lahlala esizweni somndeni kayise.
Ngakhuleka kuJehova , ngathi: Jehova Nkulunkulu , ungabhubhisi abantu bakho nefa lakho olihlengile ngobukhulu bakho , walikhipha eGibithe ngesandla esinamandla.
Abapristi bamaLevi, yebo, sonke isizwe sakwaLevi asiyikuba nasabelo nafa kanye no-Israyeli; siyakudla iminikelo yomlilo kaJehova nefa lakhe.
ngokuba amadodakazi kaManase aba nefa phakathi kwamadodana akhe ; izwe lakwaGileyadi laba ngelamanye amadodana kaManase.
Kepha uma izwe lefa lenu lingcolile , welani, niye ezweni lefa likaJehova , lapho lihlala khona itabernakele likaJehova , nibe nefa phakathi kwethu ; kepha ningahlubuki uJehova , ningahlubuki futhi kithi ngokuzakhela i -altare ngaphandle kwe-altare likaJehova uNkulunkulu wethu.
Ngalokho mayizwe inkosi yami , inkosi, amazwi enceku yayo . Uma nguJehova okuncokoloza ngami , makamukele umnikelo , kepha uma kungabantwana babantu , mabaqalekiswe phambi kukaJehova , ngokuba bangixoshile namuhla ukuba ngingazihlanganisi nefa likaJehova , bethi: Hamba ukhonze abanye onkulunkulu.
Ngokuba amaLevi ashiya amadlelo awo nefa lawo , aya kwaJuda naseJerusalema, ngokuba uJerobowamu namadodana akhe bawalahla ukuba angabe esaba ngabapristi bakaJehova,
Ngokuba siyini isabelo ebesiyakuvel a kuNkulunkulu phezulu , nefa likaSomandla ebeliyakuvela ekuphakameni, na?
Esalandele izimvukazi ezenyisayo , yamthabatha ukuba abeluse abantu bayo uJakobe, nefa layo u-Israyeli.
ukuze ngibone inhlanhla yabakhethiweyo bakho , ngithokoze ngentokozo yesizwe sakho, ngizibonge kanye nefa lakho.
Ekukhaleni kwakho izixuku zezithombe zakho mazikop hule, kepha umoya uzakuzisusa zonke, ukuphefumula kuzithathe; kodwa othemba kimi uzakudla ifa lezwe, adle nefa lentaba yami engcwele.
Okungokwesikhulu kuyakuba ngalapha nangalapha komnikelo wokungcwele nefa lomuzi, phambi komnikelo wokungcwele naphambi kwefa lomuzi, ngasohlangothini lwasentshon alanga kubheke entshonalanga , nangasohlangothini lwasempumalanga kubheke empumalanga , ngobude kulingane nesinye sezabelo zezizwe , kusukela emkhawulweni wasentshonalanga kuze kube semkhawulweni wasempumalanga.
Wonke umnikelo uyakuba yizinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu nezinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu , ninikele ngomnikelo ongcwele, unezinhlangothi ezine kanye nefa lomuzi.
Okuseleyo kuyakuba ngokwesikhulu ngalapha nangalapha ko mnikelo ongcwele nefa lomuzi maqondana nezinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu zomnikelo ngasemkhawulweni wasempumalanga , nasentshonalanga maqondana n ezinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu ngasemkhawulweni wasentshonalanga , kuqondane nezabelo, kube ngokwesikhulu; umnikelo ongcwele nendlu engcwele kube phakathi nakho.
Bafisa amasimu , bawadluzule, nezindlu, bazisuse; bacindezela indoda nendlu yayo, umuntu nefa lakhe.