Skip to Content

"nemihlatshelo"

18 occurrences in ZUL

UJetiro umukhwe kaMose wamthathela uNkulunkulu umnikelo wokushiswa nemihlatshelo; weza u -Aroni kanye nawo onke amalunga akwa -Israyeli ukuyokudla nomukhwe kaMose phambi kukaNkulunkulu. Abahluleli bamiswa kwa-Israyeli

nilethe khona iminikelo yenu yokushiswa, nemihlatshelo yenu, nokweshumi kwenu, nomnikelo wenu wokuphakanyiswa wesandla senu , nezithembiso zenu, neminikelo yenu yesihle, namazibulo ezinkomo zenu nawezimvu zenu,

kuyakuthi kuleyo ndawo uJehova uNkulunkulu wenu ayakuyikhetha ukuba kuhlale khona igama lakhe, niyise lapho konke enginiyala ngakho : iminikelo yenu yokushiswa , nemihlatshelo yenu , nokweshumi kwenu , nomnikelo wokuphakanyiswa wesandla senu , nezithembiso zenu ezikhethiweyo enizethembisa kuJehova;

USamuweli wathi : UJehova uyenamela yin i iminikelo yokushiswa nemihlatshelo, njengalokhu enamele ukulalelwa kwe zwi likaJehova , na? Bheka, ukulalela kuhle kunomhlatshelo , nokuqaphela kuhle kunamanoni ezinqama.

Bamhlabela uJehova imihlatshelo , banikela ngeminikelo yokushiswa kuJehova ngangomuso emva kwalolo suku , izinkunzi eziyinkulungwane , nezinqama eziyinkulungwane, namawundlu ayinkulungwane kanye neminikelo yakho yokuphuzwa, nemihlatshelo eminingi ngo-Israyeli wonke;

USolomoni eseqedile ukukhuleka, kwehla umlilo ezulwini, wadla umnikelo wokushiswa nemihlatshelo; inkazimulo kaJehova yagcwalisa indlu.

yebo, nabo ngiyakubayisa entabeni yami engcwele , ngibathokozise endlini yami yokukhuleka ; iminikelo yabo yokushiswa nemihlatshelo yab o iyakwamukeleka e -altare lami , ngokuba indlu yami iyakubizwa ngokuth i indlu yokukhuleka phakathi kwabantu bonke.

Ifikelani kimi inhlaka evela eSheba, nomhlanga othaphukayo ovela ezweni elikude, na? Iminikelo yenu yokushiswa ayamukeleki , nemihlatshelo yenu ayimnandi kimi.

Ngokuba angikhulumanga koyihlo, angibayalelanga ngezindaba zeminikelo nemihlatshelo mhla ngibakhipha ezweni laseGibithe,

Bayakufika bephuma emizini yakwaJuda, nasemaphandleni aseJerusalema, nasezweni lakwaBenjamini, nasehlanzeni, nasezintabeni, naseningizimu, beletha iminikelo yokushiswa , nemihlatshelo, neminikelo yempuphu , nenhlaka, befika neminikelo yokubonga endlini kaJehova.

abe yizikhonzi endlini yami engcwele , abonise amasango endlu , akhonze endlini, ahlabe iminikelo yokushiswa nemihlatshelo yabantu , eme phambi kwabo ukuba abakhonze.

futhi ukuyithanda yona ngenhliziyo yonke , nangengqondo yonke , nangamandla onke , nokuthanda umakhelwane njengalokhu umuntu ezithanda yena kudlula yonke iminikelo yokushiswa nemihlatshelo.

Ngaleso sikhathi kwakukhona abathile abamtshela ngabaseGalile igazi labo uPilatu ayelixubanisile nemihlatshelo yabo.

Iminikelo yokushiswa nemihlatshelo ngenxa yesono awuyithokozelanga.

Ngokuba y ilowo nalowo mpristi omkhulu okhethwa kubantu umiselwa abantu kokukaNkulunkulu , ukuze anikele izipho nemihlatshelo ngenxa yezono;

Ngokuba yilowo nalowo mpristi omkhulu umiselwa ukunikela ngeminikelo nemihlatshelo; ngakho-ke kuyadingeka ukuba naye lo abe nakho okuthile kokunikela.

elona lingumfanekiso kulesi sikhathi samanje , okulethwa ngawo iminikelo nemihlatshelo engenakumenza okhonzayo aphelele maqondana nonembeza,

Eseshilo ngasenhla uku thi: Imihlatshelo, neminikelo, neminikelo yokushiswa, nemihlatshelo ngenxa yezono awuyithandanga , awuyithokozelanga, eyona ilethwa ngokomthetho,