Ngokuba babalekela izinkemba , izinkemba ezihoshiweyo , neminsalo ensaliweyo, nobunzima bempi.
U-Uziya walungisela impi yonke izihlangu , nemikhonto, nezigqoko, namabhantshi, neminsalo, namatshe endwayimana.
Ngase ngimisa ngenzansi ezindaweni ezisemva kogange nakwezisobala abantu ngemindeni yabo, benezinkemba zabo, nemikhonto yabo, neminsalo yabo.
Kusukela kulolo suku inxenye yezinceku zami yasebenza emisebenzini , nenxenye yazo yaphatha imikhonto , nezihlangu, neminsalo, namabhantshi ensimbi; ababusi babe semva kwendlu yonke yakwaJuda.
ngokuba umchithi uyalehlela , alehlele iBabele, amaqhawe alo ayabanjwa , neminsalo yawo iyaphulwa , ngokuba uJehova unguNkulunkulu wemivuzo , uyakhokha nokukhokha.