Skip to Content

"nemiyalo"

15 occurrences in ZUL

ngokuba u-Abrahama walalela izwi lami, wagcina ukusho kwami, nemiyalo yami, nezimiso zami, nemithetho yami.

Wogcina izimiso zakhe nemiyalo yakhe engikuyala ngakho namuhla ukuba kube kuhle ku we, nakubantwana bakho emva kwakho , wandise izinsuku zakho ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona kuze kube phakade. Ukwahlukaniswa kwemizi emithathu yokuphephela

ukuze umesabe uJehova uNkulunkulu wakho , ugcine zonke izimiso zakhe nemiyalo yakhe engikuyala ngakho , wena nendodana yakho nendodana yendodana yakho zonke izinsuku zokuhamba kwakho , kwandiswe imihla yakho.

Ngalokho wothanda uJehova uNkulunkulu wakho , ugcine imfanelo yakhe , nezimiso zakhe, nezahlulelo zakhe, nemiyalo yakhe izinsuku zonke.

Umqinisele namuhla uJehova ukuthi uyakuba nguNkulunkulu wakho , uhambe ezindleleni zakhe, ugcine izimiso zakhe, nemiyalo yakhe, nezahlulelo zakhe, nililalele izwi lakhe;

ugcine isiyalezo sikaJehova uNkulunkulu wakho ukuba uhambe ezindleleni zakhe, ugcine izimiso zakhe, nemiyalo yakhe, nezahlulelo zakhe, nobufakazi bakhe njengokulotshiweyo emthethweni kaMose , ukuze uphumelele kukho konke okwenzayo nakukho konke okubhekayo,

Uma uhamba ngezindlela zami , ugcine izimiso zami nemiyalo yami , njengalokho uyihlo uDavide wahamba, ngiyakwandisa izinsuku zakho.

Kuyakuthi uma ulalela konke engikuyala ngakho, uhambe ngezindlela zami, wenze okulungile emehlweni ami ukugcina izimiso zami nemiyalo yami njengalokho akwenza uDavide inceku yami , ngiyakuba nawe , ngikwakhele indlu eyiyo njengalokho ngamakhela uDavide, ngikunike u-Israyeli.

Kuze kube namuhla benza njengemithetho yakuqala : abamesabi uJehova, abenzi njengezimiso , nezimemezelo zabo, nomthetho wabo , nemiyalo yabo uJehova ayala ngayo abantwana bakwaJakobe amutha u-Israyeli,

izimiso nezimemezelo nomthetho nemiyalo anilobela khona yikho eniyakukugcina ukuba nikwenze; ningesabi abanye onkulunkulu;

Kepha uma nibuya , nishiye izimiso zami nemiyalo yami engikubeke phambi kwakho, nihambe nikhonze abanye onkulunkulu, nikhuleke kubo,

wamtshela uJuda ukuba amfune uJehova uNkulunkulu wawoyise , awenze umthetho nemiyalo.

Wehlela entabeni yaseSinayi , wakhuluma nabo usezulwini, wabanika izahlulelo ezilungileyo, nemithetho eqinisileyo, nezimiso, nemiyalo emihle;

benganaki izinganekwane zabaJuda nemiyalo yabantu abafulathela iqiniso.

Ngokuba ukuthanda uNkulunkulu yilokhu ukuba sigcine imiyalo yakhe ; nemiyalo yakhe ayinzima,