U-Abrahama wavuka ekuseni , wathatha isinkwa nemvaba yamanzi , wakunika uHagari ekubeka ehlombe lakhe kanye nomntwana , wammukisa; wahamba, wazulazula ehlane laseBeri Sheba.
Eseyilumulile wenyuka nayo enezinkunzi ezintathu , ne-efa lempuphu , nemvaba yewayini , wakuyisa endlini kaJehova eShilo ; umntwana wayesemncane.
UJese wathatha imbongolo ithwele isinkwa , nemvaba yewayini, nezinyane lembuzi, wakuthuma kuSawule ngesandla sikaDavide indodana yakhe.
UDavide esedlulile kancane isiqo ngo sentaba , bheka, kwamhlangabeza uSiba inceku kaMefibosheti enezimbongolo ezimbili eziboshelweyo , zithwele izinkwa ezingamakhulu amabili , nezigaxa eziyikhulu zezithelo zomvini ezomileyo, nezigaxa eziyikhulu zamakhiwane, nemvaba yewayini.