"nendlala"
13 occurrences in ZUL
Uma sehlelwa ngokubi, inkemba, nokwahlulelwa, nesifo, nendlala, siyakuma phambi kwale ndlu naphambi kwakho, ngokuba igama lakho likule ndlu, sikhale kuwe ekuhluphekeni kwethu, uyakuzwa, usisindise.
Ngase ngithi: E, Nkosi Jehova, bheka, abaprofethi bathi kubo: Aniyikubona inkemba, nendlala ayiyikunehlela , kepha ngiya kuninika ukuthula okuqinisileyo kule ndawo.
Ngalokho usho kanje uJehova ngabaprofethi abaprofetha ngegama lami , ngingabathumanga, bathi: Akuyikubakho inkemba nendlala kuleli zwe , uthi: Ngenkemba nangendlala bayakuphela laba baprofethi.
yebo, usho uJehova Sebawoti, uthi: Bhekani, ngiyakuthuma kubo inkemba, nendlala, nesifo, ngibenze babe njengamakhiwane amabi angenakudliwa ngobubi bawo.
Bheka, amaduli asefike emzini ukuba umuzi uthathwe ; ngenxa yenkemba nendlala nesifo umuzi unikelwe esandleni samaKaledi alwa nawo; kwenzekile owakukhulumayo; bheka, usuyakubona.
Ngalokho usho kanje uJehova , uthi: Nina aningilalelanga u kuba nimemezele ukukhululeka, kube yilowo nalowo kumfowabo , yilowo nalowo kumakhelwane wakhe ; bhekani, sengiyanimemezela ukukhululeka , usho uJehova, nginikhululele inkemba , nesifo, nendlala, nginenze ukuba nihlupheke emibusweni yonke yomhlaba.
Yinkemba ngaphandle, yisifo nendlala ngaphakathi ; osensimini uyakufa ngenkemba, osemzini uyakuqedwa yindlala nesifo.
Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Kakhulu kangakanani , lapho ngithuma eJerusalema izahlulelo zami ezine ezimbi, inkemba, nendlala, nezilwane ezesabekayo, nesifo ukuba nginqume kulo abantu nezilwane, na?