"nenhlaka"
8 occurrences in ZUL
UJehova wathi kuMose : Zithabathele amakha athaphukayo , inathafi neshehelethe nehelibena, amakha kanye nenhlaka ecwengekileyo , kulingane konke,
Abanye kubo babemiselwe impahla , nezitsha zonke zendlu engcwele , nempuphu, newayini, namafutha, nenhlaka, namakha.
wayemlungisele ikamelo elikhulu , lapho kade bebeka khona iminikelo yempuphu, nenhlaka, nezitsha, nokweshumi kwamabele , newayini, namafutha, okwakunqunyelwe ngomthetho amaLevi , nabahlabeleli, nabalindisango, kanye neminikelo yabapristi.
Ngase ngithi mabahlambulule amakamelo; ngabuyisela khona izitsha zendlu kaNkulunkulu kanye neminikelo yempuphu nenhlaka.
Ubuningi bamakamela buyakukusibekela , amakamela amasha akwaMidiyani nase -Efa; bonke abaseSheba bayakuza , balethe igolide nenhlaka, bamemezele izindumiso zikaJehova.
Bayakufika bephuma emizini yakwaJuda, nasemaphandleni aseJerusalema, nasezweni lakwaBenjamini, nasehlanzeni, nasezintabeni, naseningizimu, beletha iminikelo yokushiswa , nemihlatshelo, neminikelo yempuphu , nenhlaka, befika neminikelo yokubonga endlini kaJehova.