Kepha uSihoni inkosi yaseHeshiboni akasivumelanga ukuba sidlule kuye , ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho wenza lukhuni umoya wakhe , wenza ukuba ibe nenkani inhliziyo yakhe , ukuze amnikele esandleni sakho njenganamuhla.
Ngokuba ukwambuka kunjengesono sokubhula, nenkani ifana nokukhonza izithombe namatherafi. Ngokuba ulilahlile izwi likaJehova , naye ukulahlile wena ukuba ungabe usaba yinkosi.