Kuzo zonke izilwane ezihlambulukileyo uzakuthatha ngasikhombisa, iduna nensikazi yalo, nakuzo izilwane ezingahlambulukile uthathe ngambili , iduna nensikazi yalo,
nakuzo izinyoni zezulu ngasikhombisa , iduna nensikazi , ukuba kulondolozwe inzalo emhlabeni wonke.
kwangena ngambili emkhunjini kuNowa , iduna nensikazi , njengalokho uNkulunkulu emyalile uNowa.
Ezangenayo zangena ziyiduna nensikazi zenyama yonke , njengalokho uNkulunkulu emyalile; uJehova wavala emva kwakhe.