UJehova ungukukhanya kwami nensindiso yami ; ngizakwesaba bani na ? UJehova uyinqaba yokuphila kwami; ngizakuba novalo ngobani na?
Ukulunga kwakho angikuthukusanga enhliziyweni yami ; ngashumayela ukukholeka kwakho nensindiso yakho ; umusa wakho neqiniso lakho angikufihlelanga ibandla elikhulu.
Nguye kuphela oyidwala lami nensindiso yami , inqaba y ami; angiyikunyakaziswa kakhulu.
Nguye kuphela oyidwala lami nensindiso yami , inqaba yami ; angiyikunyakaziswa.
Umlomo wa mi uyakulanda ukulunga kwakho , nensindiso yakho lonke usuku; ngokuba anginakukubala.
Ngokuba inundu iyakubadla njengengubo , nebhu libadle njengoboya bezimvu, kodwa ukulunga kwami kuyakuma kuze kube phakade , nensindiso yami ezizukulwaneni ngezizukulwane.