Skip to Content

"nenxenye"

60 occurrences in ZUL

Bayakuwenza umphongolo ngomuthi wom tholo, ubude bawo bube yizingalo ezimbili nenxenye , ububanzi bawo bube yingalo nenxenye , nokuphakama kwawo kube yingalo nenxenye.

Uyakwenza isihlalo somusa ngegolide elicwengekileyo , ubude baso bube yizingalo ezimbili nenxenye, ububanzi baso bube yingalo nenxenye.

Uyakulenza itafula ngomuthi womtholo , ubude balo bube yizingalo ezimbili, ububanzi balo bube yingalo , nokuphakama kwalo kube yingalo nenxenye.

Ubude bamapulangwe bube yizinga lo eziyishumi , ububanzi bawo bube yingalo nenxenye.

Ubude bepulangwe babuyizingalo eziyishumi , nobubanzi bepulangwe babuyingalo nenxenye.

UBesaleli wawenza umphongolo ngomuthi womtholo ; ubude bawo babuyizingalo ezi mbili nenxenye, ububanzi bawo babuyingalo nenxenye , nokuphakama kwawo kwakuyingalo nenxenye.

Wasenza isihlalo somusa ngegolide elicwengekileyo ; ubude baso babuyizingalo ezimbili nenxenye, nobubanzi baso babuyingalo nenxenye.

Walenza itafula ngomuthi womtholo ; ubude balo babuyizingalo ezimbili , nobubanzi balo babuyingalo, nokuphakama kwalo kwakuyingalo nenxenye.

Umpristi ashise okuyisikhumbuzo sawo, inxenye yamabele agquliweyo awo nenxenye yamafutha awo kanye nayo yonke inhlaka yawo ; kungumnikelo womlilo kuJehova.

Nanku umnikelo ka -Aroni nowamadodana akhe abayakunikela ngawo kuJehova mhla begcotshwa: okweshumi kwe-efa lempuphu ecolekileyo kube ngumnikelo wempuphu njalonjalo , inxenye yakho ekuseni nenxenye yakho kusihlwa.

uyakunikela ngomnikelo wempuphu wokweshumi ok uthathu kwempuphu ecolekileyo exovwe nenxenye yehini lamafutha kanye neduna.

Nenxenye eyayiyisabelo sabaphuma impi umumo wayo wawuyizimvu eziyizinkulungwane ezingamakhulu amathathu namashumi amathathu nesikhombisa namakhulu ayisihlanu,

UMose wayesebanika abantwana bakwaGadi nabantwana bakwaRubeni nenxenye yesizwe sakwaManase indodana kaJosefa umbuso kaSihoni inkosi yama-Amori nombuso ka -Ogi inkosi yaseBashani , izwe nemizi yalo namaphethelo ayo, imizi yezwe nxazonke.

UMose wayala abantwana b akwa-Israyeli, wathi: Lelo liyizwe eniyakulidla ngenkatho, uJehova ayale ngalo ukuba linikwe izizwe eziyisishiyagalolunye nenxenye,

ngokuba isizwe sabantwana bakwaRubeni njengezindlu z awoyise nesizwe sabantwana bakwaGadi njengezindlu zawoyise sezilitholile, nenxenye yesizwe sakwaManase isilitholile ifa layo;

lezi zizwe ezimbili nenxenye zathola ifa lazo ngaphesheya kweJordani ngaseJeriko ngasempumalanga, lapho kuphuma khona ilanga. Ukukhethwa kwamadoda okwahlukanisa ifa lezwe

Lelo zwe salidla ngaleso sik hathi; izwe elisukela e -Aroweri elisesigodini sase-Arinoni, nenxenye yezintaba zakwaGileyadi , nemizi yalo , sabanika khona abakwaRubeni nabakwaGadi;

Abantwana bakwaRubeni , nabantwana bakwaGadi, nenxenye yesizwe sakwaManase bawela behlomile phambi kwabantwana bakwa -Israyeli, njengalokho uMose ebekhulumile kubo;

uSihoni inkosi yama -Amori owayehlala eHeshiboni , ebusa kusukela e - Aroweri eliseceleni kwesigodi sase -Arinoni, naphakathi nesigodi , nenxenye yakwaGileyadi, kuze kube semfuleni iJaboki , umkhawulo wabantwana bakwa-Amoni,

ebusa entabeni yaseHermoni , naseSaleka, nakulo lonke iBashani kuze kube semkhawulweni wamaGeshuri nowamaMahakhati, nenxenye yakwaGileyadi, umkhawulo kaSihoni inkosi yaseHeshiboni.

UMose inceku kaJehova na bantwana bakwa -Israyeli babebabulele ; uMose inceku kaJehova wabanika lona abakwaRubeni , nabakwaGadi, nenxenye yesizwe sakwaManase, laba yifa labo.

Umkhawulo wabo wawuyiJazeri, nayo yonke imizi yakwaGileyadi , nenxenye yezwe labantwana bakwa -Amoni, kuze kufike e -Aroweri elingaphambi kweRaba,

nenxenye yakwaGileyadi, ne-Ashitaroti, ne-Edireyi, imizi yombuso ka -Ogi eBashani; lokho kwaba ngokwabantwana bakwaMakiri indodana kaManase , inxenye yabantwana bakwaMakiri ngemindeni yabo.

Ngokuba uMose wayezinikile izizwe ezimbili nenxenye yesizwe ifa ngaphesheya kweJordani, kepha amaLevi akawanikanga ifa phakathi kwabo.

Ngokuba amaLevi awanasabelo phakathi kwenu , lokhu ubupristi bukaJehova buyifa lawo ; oGadi noRubeni nenxenye yesizwe sakwaManase sebamukela ifa labo ngaphesheya kweJordani ngasempumalanga abanika lona uMose inceku kaJehova.

UJoshuwa wababiza abakwaRubeni , nabakwaGadi, nenxenye yesizwe sakwaManase,

Abantwana bakwaRubeni nabantwana bakwaGadi nenxenye yesizwe sakwaManase babuya , bamuka kubantwana bakwa -Israyeli eShilo eliyizwe laseKhanani ukuba baye ezweni lakwaGileyadi, izwe lefa labo, ababelwa lona njengesiyalezo sikaJehova ngesandla sikaMose;

sebefike eziyingeni zamatshe ngaseJordani ezisezweni laseKhanani abantwana bakwaRubeni nabantwana bakwaGadi nenxenye yesizwe sakwaManase bakha khona i -altare ngaseJordani , liyi-altare e likhulu ukubonakala kwalo.

Abantwana bakwa -Israyeli bezwa kuthiwa : Bhekani, abantwana bakwaRubeni nabantwana ba kwaGadi nenxenye yesizwe sakwaManase bakhile i -altare malungana nezwe laseKhanani eziyingeni zamatshe ngaseJordani ngaphesheya kwabantwana bakwa-Israyeli.

Abantwana bakwaRubeni nabantwana bakwaGadi nenxenye yesizwe sakwaManase baphendula , bakhuluma kuzo izinhloko zemindeni yakwa - Israyeli, bathi:

Kwakungamatafula amane omnikelo wokushiswa amatshe abaz iweyo, ubude buyingalo nenxenye , nobubanzi buyingalo nenzenye , nokuphakama kuyingalo, ababeka phezu kwawo izinto abahlaba ngazo umnikelo wokushiswa nomhlatshelo.

imali yayiyipimi ngezimpumulo nangezimfoloko , nenxenye yesithathu yeshekeli ngezimbazo nangokulungisa izincijo zezinkabi.

UDavide wamukisa abantu , inxenye yesithathu iphansi kwesandla sikaJowabe, nenxenye yesithathu iphansi kwesandla sika -Abishayi indodana kaSeruya, umfowabo kaJowabe, nenxenye yesithathu iphansi kwesandla sika- Ithayi umGiti. Inkosi yathi kubantu: Nami ngiyakuphuma nokuphuma nani.

Yayisiwela inkosi, yaya eGiligali, noKimihamu wawela nayo; bonke abantu bakwaJuda bayiwelisa inkosi kanye nenxenye yabantu bakwa-Israyeli.

Umlomo waso wawuphakathi kwesihloko ; ukuphakama kwawo kwakuyingalo; umlomo wawo wawuyisiyingelezi njengokwenziwa kwesinqe , uyingalo nenxenye; nasemlonyeni kwakukhona okubaziwe yo; izindini zawo zaziyizinhlangothi ezine, zingesiso isiyingelezi.

Lawo masondo amane ayephansi kwezindini ; imbambelela yama -asi amasondo yayisesinqeni; ukuphakama kwesondo kwakuyingalo nenxenye.

NoShobali uyise kaKiriyati Jeharimi wayenamadodana : nguHarowe nenxenye kaMenuhoti.

Amadodana kaSalima : nguBetlehema, namaNethofa, no-Atharoti BetiJowabe, nenxenye yamaManahati, amaSori.

Amadodana kaRubeni , nabakwaGadi, nenxenye yesizwe sakwaManase , amadoda anamandla, amadoda aphatha ihawu nenkemba , ansala umnsalo , ayefunde ukulwa , ayeyizinkulungwane ezingamashumi amane nane namakhulu ayisikhombisa namashumi ayisithupha aphuma impi.

UNkulunkulu ka -Israyeli wavusa umoya kaPhuli inkosi yase -Asiriya nomoya kaThiligati Philineseri inkosi yase -Asiriya, wabathumba: abakwaRubeni, nabakwaGadi, nenxenye yesizwe sakwaManase , wabayisa eHala, naseHabori, naseHara, nasemfuleni iGozani kuze kube namuhla.

Abafowabo, amaqhawe anamandla , babe yizinkulungwane ezimbili namakhulu ayisikhombisa , izinhloko zawoyise , ezenziwa ababonisi phezu kwabakwaRubeni nabakwaGadi nenxenye yesizwe sabakwaManase ezindabeni zonke zikaNkulunkulu nasezindabeni zenkosi.

Kusukela kulolo suku inxenye yezinceku zami yasebenza emisebenzini , nenxenye yazo yaphatha imikhonto , nezihlangu, neminsalo, namabhantshi ensimbi; ababusi babe semva kwendlu yonke yakwaJuda.

Ake nibuyisele namhlanje amasimu abo , nezivini zabo, neminqumo yabo, nezindlu zabo , nenxenye yekhulu yemali , neyamabele, neyewayini, neyamafutha enikubiza kubo kube yinzalo.

emva kwaso kwahamba uHoshaya nenxenye yezikhulu zakwaJuda,

Esinye isigaba saya ngakwes okhohlo, mina ngasilandela kanye nenxenye yabantu ogangeni , ngasenhla koMbhoshongo Wezithando , kwaze kwaba soGangeni Olubanzi,

Zase zima lezo zigaba zombili zababongayo endlini kaNkul unkulu kanye nami, nenxenye yababusi inami,

Yayisithi inkosi kuye : Ukhala ngani , nkosikazi Esteri , na? Yini oyifunayo na? Uyakunikwa kuze kube nenxenye yombuso.

Inkosi yathi ku -Esteri ngasedilini lewayini : Isicelo sakho siyini na ? Uyakusenzelwa. Yini oyifunayo na ? Kuyakwenziwa kuze kube nenxenye yombuso.

Inkosi yabuye yathi ku -Esteri ngosuku lwesibili lwedili lewayini : Isicelo sakho siyini , nkosikazi Esteri , na? Uyakusenzelwa. Yini oyifunayo na ? Kuyakwenziwa kuze kube nenxenye yombuso.

Inxenye yesithathu yakho iyakufa ngesifo , baphele nangendlala phakath i kwakho; inxenye yesithathu iyakuwa ngenkemba nxazonke zakho , nenxenye yesithathu iyakuhlakazwa kuyo yonke imimoya , ngihoshe inkemba emva kwabo.

Lokhu kungumnikelo eniyakunikela ngawo : inxenye yesithupha ye -efa lehomere likakolweni nenxenye yesithupha ye-efa lehomere lebhali,

Uyakuwulungisela umnikelo wempuphu ekuseni njalo , inxenye yesithupha ye-efa nenxenye yesithathu yehini lamafutha ukugcoba impuphu ecolekileyo, kube ngumnikelo wempuphu kuJehova njalonjalo ngesimiso esiphakade.

INkosi yanikela esandleni sakhe uJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, nenxenye yezitsha zendlu kaNkulunkulu , waziyisa ezweni laseShineyari endlini kankulunkulu wakhe, waziyisa izitsha endlini yengcebo kankulunkulu wakhe.

Njengalokho izinzwani zezinyawo zaziyinsimbi inxenye , nenxenye ibumba, umbuso uyakuba namandla nganxanye , ngakwenye inxenye ube buthakathaka.

Iyakukhuluma amazwi ngoPhezukonke , ikhathaze abangcwele boPhezukonke; iyakuhlosa ukuguqula izikhathi nomthetho; bayakukhashelwa esandleni sayo kuze kube yisikhathi nezikhathi nenxenye yesikhathi.

Ngezwa umuntu owembethe ilineni , owayephezu kwamanzi omfula ; waphakamisela isandla sakhe sokunene nesandla sa khe sokhohlo ezulwini , wamfunga ophila kuze kube phakade ukuthi kuyakuba ngokwesikhathi , nezikhathi, nenxenye, nalapho sebeqedile ukuphohloza amandla abantu abangcwele, zonke lezo zinto ziyakuqedwa.

Izinyawo zakh e ziyakuma ngalolo suku eNtabeni Yeminqumo ephambi kweJerusalema ngasempumalanga, iNtaba Yeminqumo iqhekezeke phakathi ngasempumalanga nangasentshonalanga , kube yisigodi esikhulu kakhulu ; inxenye yentaba iyakuqhekezekela ngasenyakatho nenxenye ngaseningizimu.

Abanye kubantu nabemindeni nabezilimi nabezizwe bayakuzibona izidumbu zabo izinsuku ezintathu nenxenye , bengavumi ukuba izidumbu zabo zifakwe ethuneni.

Kwathi emva kwalezo zinsuku ezintathu nenxenye umoya wokuphila ovela kuNkulunkulu wangena kubo ; base bema ngezinyawo zabo , nabababonayo behlelwa ngukwesaba okukhulu.

Owesifazane wayesenikwa amaphiko amabili okhozi olukhulu ukuba andizele ehlane endaweni yakhe la pho ondliwa khona isikhathi , nezikhathi, nenxenye yesikhathi, engekho ebusweni benyoka.