Skip to Content

"neqiniso"

31 occurrences in ZUL

yathi: Makabongwe uJehova , uNkulunkulu wenkosi yami u -Abrahama, ongayekile ukwenzela inkosi yami umusa neqiniso ; uJehova ungiholile mina endleleni kuze kube sendlini yabafowabo benkosi yami.

Manje-ke uma nithanda ukuyenzela inkosi yami umusa neqiniso, ngitsheleni; uma kungenjalo , ngitsheleni, ukuze ngiphendukele ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo.

Kwase kusondela isikhathi ayesezakufa ngaso u -Israyeli; wayesebiza indodana yakhe uJosefa , wathi kuye : Uma ngifumene umusa emehlweni akho, ake ubeke isandla sakho phansi kwethanga lami , ungenzele umusa neqiniso: ake ungangimbeli eGibithe.

UJehova wadlula phambi kwakhe , wamemeza wathi : NguJehova! NguJehova! NguNkulunkulu ogcwele isihe, onomusa, ophuza ukuthukuthela, novame ubumnene neqiniso,

Athi amadoda kuye : Mayife imiphefumulo yethu esikhundleni senu ; uma ningavezi obala le ndaba yethu, siyakunenzela umusa neqiniso lapho uJehova esinika izwe.

Manje uJehova makanenzele umusa neqiniso , nami nginibuyisele lowo musa, ngokuba niyenzile leyo nto.

Ufikile izolo nje ; ngikuzulazulise nathi yini namuhla , ngisahamba lapho ngiya khona, na? Buya wena, ubuyise nabafowenu; umusa neqiniso makube nawe.

Wathuma izincwadi kubo bonke abaJuda ezifundeni eziyikhulu namashumi amabili nesikhombisa zombuso ka-Ahashiveroshi, zinamazwi okuthula neqiniso,

Ukulunga kwakho angikuthukusanga enhliziyweni yami ; ngashumayela ukukholeka kwakho nensindiso yakho ; umusa wakho neqiniso lakho angikufihlelanga ibandla elikhulu.

Wena Jehova ungangigodleli ububele bakho; umusa wakho neqiniso lakho makungilonde njalo.

Thuma ukukhanya kwakho neqiniso lakho , kungihole, kungiyise entabeni yakho engcwele nasezindlini zakho,

Uyakuthumela esezulwini, angisindise mhla ofuna ukungigwinya ekloloda . Sela UNkulunkulu uyakuthuma umusa wakhe neqiniso lakhe.

Iyakuhlala phambi kukaNkulunkulu kuze kube phakade ; yimisele umusa neqiniso ukuba kuyilondoloze.

Kuyakuhlangabezana umusa neqiniso, kwangane ukulunga nokuthula.

Ukulunga nokwahlulela kuyisisekelo sesihlalo sakho sobukhosi ; umusa neqiniso kuyahamba phambi kobuso bakho.

Ngiyakukhuleka phambi kwethempeli lakho elingcwele , ngibonge igama lakho ngenxa yomusa wakho neqiniso lakho , ngokuba phezu kwakho konke uphakamisile igama lakho nezwi lakho.

nokwamukela ukulaywa kube ngukuhlakanipha , nokulunga, nokwahlulela, neqiniso,

Khona uyakuqonda ukulunga nokwahlulela, neqiniso, yebo, nezindlela zonke ezinhle.

Isihhe neqiniso makungakushiyi; kubophe entanyeni yakho , ukulobe esibhebheni senhliziyo yakho,

Angithi bayaduka abaceba okubi na ? Umusa neqiniso kuyakuba ngokwabaqamba okuhle.

Ngomusa neqiniso ukona kuyahlangulwa, nangokumesaba uJehova kudedwa ebubini.

Umusa neqiniso kuyalonda inkosi ; isihlalo sayo sobukhosi sisekelwa ngomusa.

Jehova, unguNkulunkulu wami ; ngiyakukuphakamisa, ngidumise igama lakho, ngokuba wenzile izimangaliso , namasu asendulo , nokuthembeka, neqiniso.

ULizwi waba yinyama, wakha phakathi kwethu, sabona inkazimulo yakhe, inkazimulo njengeyozelwe yedwa kuYise, egcwele umusa neqiniso.

Ngokuba umthetho wanikezwa ngoMose, umusa neqiniso kwavela ngoJesu Kristu.

niyakulazi iqiniso, neqiniso liyakunikhulula.

UJesu wathi kuye : Mina ngiyindlela , neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami.

Ngokuba asinamandla okwenza utho , uma simelana neqiniso , kuphela uma simela iqiniso.

abadukileyo mayelana neqiniso , bethi ukuvuka kwabafileyo sekudlulile , bechitha ukukholwa kwabanye.

NjengoJane noJambre bamelana noMose , kanjalo laba bamelana neqiniso , abantu abonakele ingqondo, abehluleka enkolweni.

Uma sithi asinasono, siyazikhohlisa, neqiniso alikho kithi.