Bangcwelisa iKedeshi laseGalile ezintabeni zakwaNafetali , neShekemi ezintabeni zakwa -Efrayimi, neKiriyati Araba eliyiHebroni ezintabeni zakwaJuda.
Ifa labo nezindawo zabo zokuhlala kwakuyiBethele nemizana yalo , nangasempumalanga iNaharani, nangasentshonalanga iGezeri nemizana yalo, neShekemi nemizana yalo, kwaze kwaba se-Aya nemizana yalo;