Ngokuba omubi akayikuba namvuzo, nesibani samashinga siyakucima.
Indodana yakhe ngiyakuyinika isizwe sibe sinye , ukuze uDavide inceku yami abe nesibani izinsuku zonke phambi kwami eJerusalema , umuzi engiwukhethileyo ukuba ngibeke khona igama lami.
Ukukhanya kuyakufiphala etendeni lakhe , nesibani sakhe phezu k wakhe siyakucimeka.
Umuzi awudingi ilanga nenyanga ukuba kukhanye kuwo , ngokuba inkazimulo kaNkulunkulu iyawukhanyisa, nesibani sawo siyiWundlu.