ne-Ebironi, neRehobi, neHamoni, neKhana, neSidoni Elikhulu;
Kwakungekho owophulayo, ngokuba wawukude neSidoni; babengenandaba nabanye abantu ; wawusesigodini esingaseBeti Rehobe. Bawakha umuzi , bahlala kuwo.
kanye neHamati elikhawula kulo, neTire neSidoni, ngokuba kuhlakaniphile kakhulu.
Niyini kimi, nina Tire neSidoni , nayo yonke imikhawulo yaseFilistiya na ? Niyakungibuyisela utho na ? Uma ningibuyisela utho ngiyakushesha ngibuyisele masinyane phezu kwekhanda lenu izenzo zenu,
Kepha ngithi kini : Kuyakuba ngcono kulo iTire neSidoni ngosuku lokwahlulelwa kunakini.
Khona wehla nabo , wema endaweni eyithafa kanye nesixuku esikhulu sabafundi bakhe noquqaba lwabantu abavela kulo lo nke laseJudiya , naseJerusalema, nangaselwandle lwaseTire neSidoni,
Kepha kuyakuba ngcono kulo iTire neSidoni ekwahlulelweni kunakini.