Skip to Content

"nesigaba"

5 occurrences in ZUL

Abahlomileyo bahamba phambi kwabapristi ababetha amacilongo , nesigaba sasemuva sawulandela umphongolo, bebetha amacilongo besahamba.

Abapristi abayisikhombisa , bethwele amacilongo ayisikhombisa ejubili phambi komphongolo kaJehova , bahamba njalo bewabetha amacilongo ; abahlomileyo bahamba phambi kwabo , nesigaba sasemuva sawulandela umphongolo kaJehova, bebetha amacilongo besahamba.

Phezu kwesigaba senyanga yesibili kwakunguDodayi umAhohi nesigaba sakhe; kwakukhona nombusi uMikiloti ; esigabeni sakhe kwakukhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane.

nime endaweni engcwele njengamaqembu ezindlu zawoyise babafowenu , abantu besizwe, yilelo nalelo libe nesigaba sendlu kayise yamaLevi.

Izinhloko zamaLevi nazi : oHashabiya, noSherebiya, noJeshuwa, indodana kaKadimiyeli, kanye nabafowabo malungana nabo, ukuba badumise, babonge njengemiyalo kaDavide, umuntu kaNkulunkulu, isigaba malungana nesigaba.