Itshe liyasinda nesihlabathi sinzima , kepha ukukhathaza kwesiwula kuyasinda kunakho kokubili.
Njengebandla lasezulw ini lingenakubalwa , nesihlabathi solwandle singenakulinganiswa, kanjalo ngiyakwandisa inzalo kaDavide inceku yami namaLevi angikhonzayo.
Bayakuphanga imfuyo yakho , bagcugce impahla yakho ethengiswayo , babhidlize izingange zakho , badilize izindlu zakho ezinhle , babeke amatshe akho nemithi yakho nesihlabathi sakho phakathi kwamanzi.