Akukho ukuhlakanipha , akukho ukuqonda , nesiluleko, okungamelana noJehova.
Izikhulu zaseSowani ziyiziwula impela , nesiluleko sabalulek i abahlakaniphileyo bakaFaro siphendukile ubuwula ; ningasho kanjani kuFaro ukuthi: Mina ngiyindodana yabahla kaniphileyo, ngiyindodana yamakhosi asendulo, na?
Ingozi iyakwelanywa yingozi , umbiko ulandele umbiko ; bayakufuna umbono womprofethi , kepha umthetho uyakuphela kumpristi nesiluleko kuwo amalunga.