UPawulu, isiboshwa sikaKristu Jesu , noThimothewu umzalwane kuFilemoni, isithandwa sethu nesisebenzi kanye nathi,
Uma kubuzwa ngoThithu, yena ungumhlanganyeli nesisebenzi kanye nami kini; noma kubuzwa ngabazalwane bethu , bayizithunywa zamabandla , bayinkazimulo kaKristu.
Kodwa ngibone ukuthi kudingekile ukuba ngithume kinina u-Ephafrodithu, umzalwane nesisebenzi nebutho kanye nami , nesithunywa senu , isikhonzi ekusweleni kwami,