Nxa niphuma impi ezweni lakini ukuyokulwa nesitha esinicindezelayo , khona niyakuhlaba umkhosi ngamacilongo , nikhumbuleke phambi kukaJehova uNkulunkulu wenu, nisindiswe ezitheni zenu.
Uma abantu bakho bephuma impi ukulwa nesitha sabo ngendlela obathuma ngayo , bese bekhuleka ku Jehova bebhekene nalo muzi owukhethileyo nale ndlu engiyakhele igama lakho,