uJehova uyakwenza izifo zakho ukuba zimangalise , kanye nezifo zenzalo yakho, izifo ezinkulu ezihlala isikhathi eside nokugula okubi okuhlala isikhathi eside.
Isizukulwane esizayo , abantwana benu abayakuvela emva kwenu , nomfokazi oyakuphuma ezweni eliku de bayakusho , lapho bebona izinhlupheko zaleso sizwe, nezifo uJehova aligulise ngazo,