UJefta weza eMispa endlini yakhe ; bheka, indodakazi yakhe yaphuma ukumhlangabeza, iza nezigubhu nokusina ; yayingumntwana oyedwa ; ngaphandle kwakhe wayengenandodana nandodakazi.
UDavide kanye nendlu yonke k a-Israyeli bathokoza ebusweni bukaJehova benezinto zonke zokubetha zomsayipuresi , namahabhu, nezingubhu, nezigubhu, nobuxhaka, namasimbali.