Ngokuba singabafokazi phambi kwakho nezihambi njengabo bonke obaba ; izinsuku zethu emhlabeni zinjengethunzi, nethemba alikho.
naseFrigiya, nasePhamfiliya, naseGibithe, nasezweni laseLibiya ngaseKhurene, nezihambi zaseRoma,
Ngakho aniseyibo abafokazi nezihambi , kodwa senim buso munye nabangcwele, ningabendlu kaNkulunkulu,
Bonke laba bafa bekholiwe , bengazamukeliswanga izithembiso , kepha bezibonile, bezithakazele zikude, bevumile ukuthi bangabafokazi nezihambi emhlabeni.
Bathandekayo, nginincenga njengabafokazi nezihambi ukuba nidede ezinkanukweni zenyama ezilwa nomphefumulo,