Yamila, yaba ngumvini owenabayo, omfushane ngesimo, ukuze amagatsha awo abhekane nalo, nezimpande zawo zibe phansi kwalo; waba ngumvini-ke, waveza amagatsha, wakhipha amahlumela.
Nokho mina ngachitha ama -Amori ebusweni babo , akuphakama kwawo kwakunjengokuphakama kwe misedari, ayenamandla njengama -oki; kepha ngachitha nokho izithelo zawo phezulu nezimpande zawo phansi.