Ngokuba bheka , ngikubekile namuhla ube ngumuzi obiyelweyo , nensika yensimbi, nezingange zethusi ngakulo izwe lonke , nangawo amakhosi akwaJuda nezikhulu zalo, nangakubo abapristi balo nabantu bezwe.
ukuba kuthuthumele phambi kwami izinhlanzi zolwandle , nezinyoni zezulu, nezilwane zasend le, nazo zonke izilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni, nabo bonke abantu abasebusweni bomhlaba , izintaba zidilizelwe phansi, amawa awe, nezingange zonke ziwele phansi.