Wathi kubo uJesu : Ninezinkwa ezingaki na ? Bathi: Eziyisikhombisa, nezinhlanzana eziyingcosana.
Babe nezinhlanzana eziyingcosana futhi; esezibusisile wathi abababele nazo.
Kukhona umfana lapha onezinkwa zebhal i eziyisihlanu nezinhlanzana ezimbili; kepha kuyini lokho kwabaningi kangaka na?
UJesu wazithabatha iz inkwa, wabonga, wayesezabela ababehlezi phansi , kanjalo futhi nezinhlanzana, njengokuthanda kwabo.