Skip to Content

"nezinhliziyo"

7 occurrences in ZUL

Ngalokho izandla zonke ziyadangala, nezinhliziyo zonke ziyaphela amandla.

Isiprofetho ngeGibithe. Bheka, uJehova ukhwele phezu kwefu elinejubane, uyeza eGibithe ; onkulunkulu baseGibithe bayathuthumela ebusweni bakhe , nezinhliziyo zabaseGibithe ziphela amandla phakathi kwabo.

Abazi, abaqondi, ngokuba unamekile amehlo abo ukuze bangaboni , nezinhliziyo zabo ukuze bangaqondi.

Kuyakuthi ngalolo suku , usho uJehova , inhliziyo yenkosi iphel e kanye nezinhliziyo zezikhulu; abapristi bayakumangala, abaprofethi bethuke.

Ubatshalile, futhi bagxilile; bayakhula, bathela izithelo; useduze nomlomo wabo, kepha ukude nezinhliziyo zabo.

Uyakuphendulela izinhliziyo zawoyise kubantwana nezinhliziyo zabantwana koyise, funa ngifike, ngishaye izwe ngesiqalekiso. ITESTAMENTE ELISHA

ngiyakubulala abantwana bakhe ngokufa ; amabandla onke ayakwazi ukuthi nginguye ophenya izinso nezinhliziyo , futhi ngiyakumnika yilowo nalowo wenu ngokwemisebenzi yakhe.