Skip to Content

"nezinqola"

24 occurrences in ZUL

Kwakhuphuka nabo nezinqola , nabamahhashi; kwaba yibandla elikhulu impela.

Wathatha izinqola ezingamakhulu ayisithupha ezikhethiweyo , nezinqola zonke zaseGibithe, nezinduna zazo zonke.

AbaseGibithe babaxosha , amahhashi onke , nezinqola zikaFaro , nabamahhashi bakhe, nempi yakhe, babafica bemise ngaselwandle ngasePhi Hahiroti ngaphambi kweBali Sefoni.

AbaseGibithe babaxosha , bangena emva kwabo ngaphakathi kolwandle , namahhashi onke kaFaro, nezinqola zakhe, nabamahhashi bakhe.

Ngokuba amahhashi kaFaro angena elwandle kanye nezinqola zakhe nabamahhashi bakhe , uJehova wabuyisela amanzi olwandle phezu kwabo ; kepha abantwana bakwa -Israyeli bahamba emhlabathini owomileyo ngaphakathi kolwandle.

nezinqola ezine nezinkabi eziyisishiyagalombili wazinika amadodana kaMerari ngomsebenzi wawo phansi kwesandla sika -Itamari indodana ka - Aroni umpristi.

Nxa uphuma impi ukuhlasela izitha zakho , bese wubona amahhashi , nezinqola, nabantu abaningi kunawe , ungabesabi, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho unawe, yena owakukhuphula ezweni laseGibithe.

Aphuma wona nawo onke amabandla awo enawo , abantu abaningi , bengangesihlabathi esisogwini lolwandle ngobuningi , namahhashi nezinqola eziningi kakhulu.

Ngiyakusondeza kuwe emfudlaneni iKishoni uSisera induna yempi kaJabini , nezinqola zakhe, nesixuku sakhe, ngimnikele esandleni sakho.

UBeni Hadadi inkosi yase -Aramu wabutha yonke impi yakhe ; wayenamakhosi angamashumi amathathu nambili , namahhashi, nezinqola; wenyuka, wavimbezela iSamariya, walwa nalo,

Inkosi yakwa -Israyeli yaphuma , yagenca amahhashi nezinqola , yabulala ama-Aramu ngokuceka okukhulu.

Wayesefika uNahamani namahhashi akhe nezinqola zakhe , wema ngasemnyango wendlu ka-Elisha.

Wathuma kho na amahhashi , nezinqola, nempi enkulu ; bafika ebusuku , bakaka umuzi nxazonke.

Isikhonzi somuntu kaNkulunkulu sesivukile ekuseni , saphuma, bheka, impi enamahhashi nezinqola yayiwukakile umuzi . Yayisithi inceku kuye: Maye, nkosi! Sesiyakwenze njani?

U-Elisha wakhuleka , wathi: Jehova, ake uvule amehlo ayo ukuba ibone . UJehova wavula-ke amehlo aleyo nceku , yabona; bheka, intaba yayigcwele amahhashi nezinqola zomlilo nxazonke zakhe u-Elisha.

Ngokuba akashiyanga abantu kuJehowahazi , kuphela abamahhashi abangamashumi ayisihlanu , nezinqola eziyishumi , nemigundatshani eyizinkulungwane eziyishumi , ngokuba inkosi yase -Aramu yabac hitha, yabenza baba njengothuli ekubhuleni.

USolomoni wayenezipani eziyizinkulungwane ezine zamahhashi nezinqola, nabamahhashi abayizinkulungwane eziyishumi nambili , owababeka emizini yezinqola nasenkosini eJerusalema.

Kwaphuma ukulwa nabo uZera umKushe enempi eyizinkulungwane eziyinkulungwane nezinqola ezingamakhulu amathathu, wafika eMaresha.

Uyakukuthandela nokuku thandela njengokuthandelweyo , akulahle njengegabade ezweni elibanzi . Uyakufela khona , lapho kuyakuba khona nezinqola zodumo lwakho wena hlazo lendlu yenkosi yakho.

Bayakufika kuwe benezikhali , nezinqola, nokunamasondo, nesixuku sabantu, bazihlelele wena benamahawu , nezihlangu, nezigqoko nxazonke , nginikele kubo ukwahlulela, bakwahlulele njengezahlulelo zabo.

Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Bheka, ngiyakuyisa eTire uNebukadinesari inkosi yaseBabele , evela enyakatho , eyinkosi yamakhosi , enamahhashi, nezinqola, nabamahhashi, nesixuku sabantu abaningi.

Ngukuqhuma kwesiswebhu , nomsindo wokugodlozela kwamasondo , namahhashi agadulayo, nezinqola ezixhumayo;

UJehova uyathukuthelela imifula na ? Ulaka lwakho luvuthela imifula , nentukuthelo yakho ulwandle , lokhu ukhwele amahhashi akho , nezinqola zakho zokunqoba, na?

nokinamona, nokunephunga elimnandi , nempepho, namafutha okuqhola , nenhlaka, newayini, namafutha eminqumo , nempuphu ecolekileyo , nokolweni, nezinkomo, nezimvu, namahhashi, nezinqola, nezigqila, nemiphefumulo yabantu.