Ngokuba ngidlile umlotha njengesinkwa , nophuzo lwami ngiluxubanisile nezinyembezi.
Ndodana yomuntu , bheka, ngiyasusa okunxanelekayo emehlweni akho ngesishayo, kepha awuyikudabuka , awuyikukhala, nezinyembezi aziyikwehla.
owathi esenikele emihleni yenyama yakhe ngemikhuleko , nokunxusa, nokudazuluka okukhulu , nezinyembezi kuyena onamandla okumsindisa ekufeni, wezwiwa ngenxa yokumesaba uNkulunkulu.