Ngasona leso sikhathi le nto yagcwaliseka phezu kukaNebukadinesari : waxoshwa kubantu , wadliswa utshani njengezinkabi , umzimba wakhe wamanziswa ngamazolo ezulu, zaze zakhula izinwele zakhe n jengezimpaphe zezinkozi nezinzipho zakhe njengamazipho ezinyoni.
Ngase ngifuna ukwazi iqiniso ngesilo sesi ne esahlukile kuzo zonke zazo , esesabekayo kakhulu, esimazinyo aso ayeyinsimbi, nezinzipho zaso ziyithusi, esasidla, saphula, sanyathela okuseleyo ngezinyawo;