Ngase ngithatha izinhloko zezizwe zenu , amadoda ahlakaniphileyo naziwayo, ngawenza aba yizinhloko phezu kwenu : izinduna zezinkulungwane, nezinduna zamakhulu , nezinduna zamashumi ayisihlanu , nezinduna zamashumi, neziphathimandla ezizweni zenu.
Bakhumbuze ukuba bathobele ababusi neziphathimandla , balalele, balungele imisebenzi yonke emihle,