Skip to Content

"nezithombe"

27 occurrences in ZUL

NginguJehova; yilo igama lami ; angiyikunika omunye inkazimulo yami , nezithombe ezibaziweyo udumo lwami.

Izwe lakubo ligcwele futhi nezithombe ; bakhuleka kokwenziwe yizandla zabo nakwekwenzileyo iminwe yabo.

Ngalolo suku abantu bayakulahla kuw o amavukuzi nakuwo amalulwan e izithombe zabo zesiliv a nezithombe zabo zegolide , abazenzele zona ukuba bakhuleke kuzo,

nizibonile izinengiso zazo , nezithombe zazo , imithi, namatshe, nesiliva, negolide, okwakuphakathi kwazo

kodwa wenzile okubi kunabo bonke ababe phambi kwakho , wahamba wazenzela abanye onkulunkulu nezithombe ezibunjiweyo ukungivusa u kuba ngithukuthele, wangilahla nyovane,

Waxosha izifebe zethempeli ezweni, wasusa nezithombe ayezenzile uyise.

Bonke abantu bezwe baya endlini kaBali , bayibhidliza; ama-altare akh e nezithombe zakhe bakuphahlaza kakhulu , babulala uMathani , umpristi kaBali, phambi kwama-altare. Umpristi wamisela indlu kaJehova ababonisi.

Futhi abanamadlozi , nabathakathi, namatherafi, nezithombe, nazo zonke izinengiso ezazibonwa ezweni lakwaJuda naseJerusalema uJosiya wakuqeda ukuba afeze amaz wi omthetho alotshwe encwadini uHilikiya umpristi ayifumanayo endlini kaJehova.

Bonke abantu baya endlini ka Bali, bayibhidliza, baphahlaza ama -altare akhe nezithombe zakhe , babulala uMathani umpristi kaBali phambi kwama - altare.

Bayishiya indlu kaJehov a uNkulunkulu wawoyise , bakhonza o -Ashera nezithombe; uJuda neJerusalema kwehlelwa yintukuthelo ngaleli cala labo.

Umkhuleko wakhe, nokunxuswa kukaNkulunkulu nguye, nazo zonke izono zakhe, nazo zonke iziphambeko zakhe , nezindawo akha kuzo izindawo eziphakemeyo, amisa kuzo o-Ashera nezithombe ezibaziweyo, engakazithobi, bheka, lokho kulotshiwe ezindabeni zikaHozayi.

Ngomnyaka wesishiyagalombili wokubusa kwakhe esengumfana waqal a ukufuna uNkulunkulu kaDavide uyise ; ngomnyaka weshumi nambili waqala ukuhlambulula uJuda neJerusalema , wasusa izindawo eziphakemeyo , nawo- Ashera, nezithombe ezibaziweyo, nezithombe ezibunjiweyo.

Bawadiliza phambi kwakhe ama -altare awoBali ; nama-altare empepho ayephezu kwawo wawanquma ; waphula o-Ashera, nezithombe ezibaziweyo, nezithombe ezibunjiweyo, wakucolisisa, wakuvumvuzela phezu kwamathuna ababenikele kukho.

Wawadiliza ama -altare, waphula o-Ashera nezithombe ezibaziweyo kwaba luthuli, wawanquma onke ama -altare empepho ezweni lonke lakwa -Israyeli, wabuyela eJerusalema.

Efrayimi, ngisenendabani nezithombe na ? Mina ngiyakumphendula , ngimbheke; nginjengomsayipuresi oluhlaza , kimina izithelo zakho ziyafunyanwa.

anginakwenza yini kulo iJerusalema nezithombe zalo, njengalokhu ngenzile kulo iSamariya nezithombe zalo, na?

Ngokuba ngalolo suku bayakulahla , kube yilowo nalowo izithombe zakhe zesiliva nezithombe zakhe zegolide, ezizenzile izandla zenu zaba yisono senu.

Bheka, bayize bonke; imisebenzi yabo ayiyinto yalutho, nezithombe zabo ezibunjiweyo zingumoya nokuyize.

Bonke abantu bayiziphukuphuku , abanakwazi; bonke abakhandi bajabhiswa nezithombe zabo ezibaziweyo , ngokuba izithombe zabo ezibunjiweyo zingamanga, nomoya awukho kuzo.

Bonke abantu bayiziphukuphuku , abanakwazi, bonke abakhandi bajabhiswa nezithombe zabo ezibaziweyo , ngokuba izithombe zabo ezibunjiweyo zingamanga, nomoya awukho kuzo.

Ngokuba baphingile, negazi lisezandleni zabo; baphingile nezithombe zabo, badabulise emlilweni amadodana abo abangizalela wona , abe ngukudla kwazo.

Nawonkulunkulu babo kanye nezithombe zabo ezibunjiweyo nezitsha zabo ezinxanelekayo zesiliva nezegolide uyakukuthumba , akuyise eGibithe , ayiyeke inkosi yasenyakatho iminyaka ethile.

U-Efrayimi uhlangene nezithombe; myeke.

Manje benezela ekoneni , bazenzele imifanekiso ebunjiweyo ngesiliva lab o nezithombe ngokuqonda kwabo, zonke ziyimisebenzi yezinyanga; bakhuluma ngabo, bathi: Bahlaba abantu, kepha banga amathole.

Kepha lokho kwazi akukho kubo bonke . Kodwa abanye, lokhu bejwayelene nezithombe kuze kube manje , bakudla njengokuhlatshelwe isithombe , nonembeza wabo obuthakathaka uyangcola.

Linakuvumelana kuni ithempeli likaNkulunkulu nezithombe na ? Ngokuba thina siyithempeli likaNkulunkulu ophilayo, njengokuba washo uNkulunkulu ukuthi: Ngiyakuhlala phakathi kwabo, ngihambe phakathi kwabo; ngiyakuba nguNkulunkulu wabo, bona babe ngabantu bami.

Kepha abaseleyo babantu abangabulawanga ngalezo zinhlupho abaphendukanga emisebenzini yezandla zabo ukuba bangakhuleki kuwo amademoni, nezithombe zegolide , nezesiliva, nezethusi, nezamatshe, nezemithi, ezingenakho ukubona, nakuzwa, nakuhamba,