Skip to Content

"nezwi"

35 occurrences in ZUL

Kwathi ngosuku lwesithathu sekusile, kwaba khona ukuduma nokunyazima kombani, nefu elinzima phezu kwentaba, nezwi lecilongo elizwakala kakhulu; bonke abantu abasekamu bathuthumela.

Bonke abantu babona ukuduma nokunyazima kombani , nezwi lecilongo , nentaba ithunqa; kwathi abantu sebebonile, bathuthumela, bema kude.

Abantu abaningi bayakuhamba , bathi: Wozani sikhuphukele entabeni kaJehova endlini kaNkulunkulu kaJakobe ; uyakusifundisa izindlela zakhe , sihambe emikhondweni yakhe, ngokuba umthetho uyakuvela eSiyoni , nezwi likaJehova eJerusalema.

Kepha uSamuweli wayengakamazi uJehova , nezwi likaJehova lalingakambulelwa kuye.

U-Abineri waba nezwi namalunga akwa -Israyeli, ethi: Ngezikhathi ezidlulileyo nafuna uDavide abe yinkosi phezu kwenu;

ngangokuba abantu babengenakwahlukanisa izwi lok ukhamuluka kwentokozo nezwi lokukhala kwabantu , ngokuba abantu bakhamuluka ngokukhamuluka okukhulu, umsindo wezwakala kude.

izimbali ziyabonakala emhlabeni, nesikhathi sokuthena imivini sesisondele, nezwi lehobhe liyezwakala ezweni lakithi.

Ukubhonga kwengonyama nezwi lebhubesi kuyaphela , namazinyo amabhongo ayaphuka.

Zincane yini kuwe izinduduzo zikaNkulunkulu, nezwi elikhulunywa kahle kuwe na?

Amehlo ami ayalangazelela insindiso yakho nezwi lokulunga kwakho.

Ngiyakukhuleka phambi kwethempeli lakho elingcwele , ngibonge igama lakho ngenxa yomusa wakho neqiniso lakho , ngokuba phezu kwakho konke uphakamisile igama lakho nezwi lakho.

Umuntu uyathokoza ngokuphendula komlomo wakhe , nezwi ngesikhathi salo lihle kangakanani!

Ngokuba uJehova uyakuliduduza iSiyoni , aziduduze zonke izindawo zalo ezichithekileyo, enze ihlane lalo libe n jenge-Edene, noqwathule lwalo lube njengensimu kaJehova ; injabulo nentokozo kuyakufunyanwa khona , ukubonga nezwi lokuhlabelela.

Ngiyakwethaba ngeJerusalema , ngijabule ngabantu bami , kungabe kusezwakala izwi lokulila nezwi lokukhala.

Ngiyakuthulisa emizini yakwaJuda nasezitaladini zaseJerusalema izwi lokujabula nezwi lokuthokoza, izwi lomyeni nezwi lomakoti , ngokuba izwe liyakuba yincithakalo.

Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti , uNkulunkulu ka -Israyeli, uthi: Bheka, ngiyakulenza ukuba liphele kule ndawo phambi kwamehlo enu nasezinsukwini zenu izwi lokujabula nezwi lokuthokoza, izwi lo myeni nezwi lomakoti.

Base bethi : Wozani simcebele uJeremiya amacebo, ngokuba umthetho awuyikuphela kumpristi, nesu kohlakaniphileyo, nezwi kumprofethi, sihambe simshaye ngolimi, singaqapheli nelilodwa lamazwi akhe.

Futhi ngiyakususa kubo izwi lok ujabula nezwi lokuthokoza, izwi lomyeni nezwi lomakoti, nomsindo wamatshe okugaya nokukhanya kwesibani.

Kuyakuphuma kubo udumiso nezwi labathokozayo ; ngiyakubenza babe baningi, bangabi ngabayingcosana, ngibadumise, bangeyiswa.

izwi lokujabula nezwi lokuthokoza , izwi lomyeni nezwi lomakoti , izwi labathi: Bongani uJehova Sebawoti , ngokuba uJehova muhle , ngokuba umusa wakhe umi phakade , nelabaletha iminikelo yokubonga endlini kaJehova. Ngokuba ngiyakukubuyisa ukuthunjwa kwezwe nje ngakuqala, usho uJehova.

Ngiyakwenza ukuba isiho sezihlabelelo zakho siphele , nezwi lamahabhu akho alisayikuzwakala.

Umzimba wakhe wawunjengekrisolithe , nobuso bakhe bunjengokubonakala konyazi, namehlo akhe enjengezibani zomlilo , izingalo zakhe nezinyawo zakhe zinjengokubengezela kwe thusi eliphucuziweyo , nezwi lamazwi akhe linjengezwi lesixuku.

Izizwe eziningi ziyakuhamba , zithi: Wozani sikhuphukele entabeni kaJehova nasendlini kaNkulunkulu kaJakobe; uyakusifundisa izindlela zakhe, sihambe emikhondweni yakhe, ngokuba umthetho uyakuvela eSiyoni , nezwi likaJehova eJerusalema.

Bheka, ngimelene nawe , usho uJehova Sebawoti ; ngiyakushisa izinqola zakho emsini , inkemba idle amabhongo akho ezingonyama ; ngiyakunquma impango yakho emhlabeni, nezwi lezithunywa zakho alisayikuzwakala.

Kuthe esevukile kwabafileyo , abafundi bakhe bakhumbula ukuthi washo njalo kubo; bakholwa ngumbhalo nezwi abelishilo uJesu.

Nezwi lakhe aninalo elihleziyo phakathi kwenu , ngokuba amthumileyo yena lowo anikholwa nguye.

Ongangithandiyo kagcini amazwi ami , nezwi enilizwayo akusilo elami kepha ngelikaBaba ongithumileyo.

Kepha njengokuba uNkulunkulu ethembekile , nezwi lethu kini alisiye uyebo kanye noqhabo.

nezwi labo liyakubhibha njengesilonda esibhucukayo , abaphakathi kwabo ngoHimenewu noFiletu

Uma sithi asonanga, simenza umqambimanga, nezwi lakhe alikho kithi.

nezinyawo zakhe zifana nethusi elikhazimulayo sengathi zazishiswe esithandweni, nezwi lakhe linjengenhlokomo yamanzi amaningi;

Emva kwalokho ngabona , bheka-ke, umnyango uvulekile ezulwini , nezwi lokuqala engalizwayo linjengelecilongo likhuluma nami , lithi: Yenyukela lapha, ngikutshengise okumelwe ukuba kube khona emva kwalokhu.

Ngase ngizwa izwi livela ezulwini , linjengezwi lamanzi amaningi nanjengezwi lokuduma okuk hulu; nezwi engalizwayo lalinjengelababetha amahabhu, bebetha amahabhu abo.

nokukhanya kwesibani akusoze kwaphinda kukhanye phakathi kwakho , nezwi lomyeni nelomlobokazi alisoze labuye lizwakale phakathi kwakho , ngokuba izizwe zonke zidukisiwe ngokuthakatha kwakho,

Ngase ngizwa kungathi izwi lesixuku esikhulu , linjengezwi lamanzi amaningi, nezwi lokuduma okunamandla , lithi: Haleluya! Ngokuba iNkosi uNkulunkulu wethu, uMninimandla onke, iyabusa.